UNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
“UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni” Amahubo 46:1
Uma impilo ikwengamela ngokujabha Kanye nobuhlungu emva kobuhlungu. Kungabe ubalekela kuphi? Ngubani isiphephelo sakho? Kuyathusa futhi kuyajabhisa ukuthi siyashesha ukukhohlwa ngukulunga noma ubuhle bukaNkulunkulu nokwethembeka kwakhe kithina abantwana bakhe. Sivamile ukubambelela kwizinto zesikhashana noma sifune ukududuzwa kwizinto ezizosishiya singenalutho, sizamazamisekile noma sishayekile. Kwenye inkathi izinto esiphumula kuzo akusizo izinto ezimbi. Isibonelo, uma sisenkingeni noma kukhona okusihluphayo, singagijimela emndenini, abangani noma abantu esisebenza nabo – Labantu bayisibusiso esivela enkosini. Kodwa-ke kumnandi kunjalo, abakwazi ukusivikela ebunzimeni bempilo nasosizini. NguNkulunkulu yedwa esingabalekela kuye. Umbhali wehubo uyasikhumbuza ukuthi sinesiphephelo kuNkulunkulu, yena osipha amandla, futhi ohlezi ekhona ngezikhathi zethu zenhlupheko.
Uma sikhuluma iqiniso, ukubalekela endaweni elungile (enguNkulunkulu) uma sibhekene nobunzima, akusiyo into elula nekwimvelo yethu. Yingakho kumele sihlale sizikhumbuza ukuthi uNkulunkulu ungubaba wethu olungile, ongagcini ngokwazi konke ngempilo yethu, uphinde abe nendaba nathi. Futhi uzimisele ukuba yisiphephelo sethu. Ngakho-ke, izithixo esiya kuzo noma esizibona njengeqiniso, kumele sizibeke phansi. Kumnandi kakhulu ukwazi ukuthi singabalekela kuNkulumkulu noma nini, futhi sinesiqiniseko sokuthi unamandla okusigcina siphephile. Phakathi kwesiphithiphithi esivunguzayo empilweni yethu, kwangathi ithemba lethu lingangafunyanwa komunye, kuphela uNkulunkulu yena yedwa.
Kulula ukubuka umhlaba ngobubanzi bawo, nokubuka ukuthi kwenzekani eduze kwethu, kwenye inkathi ukubona ukuthi kwenzekani ezimpilweni zethu silahlekelwe yithemba. Lelihubo elihle lisigqugquzela ukuba siphinde futhi sithembele enkosini, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima. Lapha sibizelwa ukuba sithembe ukuba ngaphezu kwakho konke kukaNkulunkulu. Kulezi zikhathi ezinzima zosizi, ngigcina ngokucabanga nje imfudumalo nokuthula kubalwane base-Eukrane abayithola kulelihubo njengamanje. Bangaphumula bazi ukuthi bagcinekile kuNkulunkulu omkhulu. Abanye belingeka ngokukhathazeka, baphendukele kuNkulunkulu weqiniso, uNKulunkulu ophilayo. Abanye bethembela kwingcebo yabo, bezibonge ngabanakho, baphendukele kuye oyikho konke kukho konke. Abanye belingeka ukuthi bathembe ukuqonda kwabo, baguqukele kosindisayo. Uma nathi sibhekene nalokho kusaba nobuhlungu. Kwangathi singatholakala sizifihla edwaleni elingaphezu kwethu.
UNkulunkulu akasiso isiphephelo sethu kuphela, kodwa futhi ungamandla ethu. Uma usuku nosuku lusilethela izingqinamba zalo, lisisphonsela izinselelo nokungacaci kwesimo. UNkulunkulu wethu omuhle nothembekile ungumthombo wamandla ethu. Ususa umthwalo osindayo, asisize ukubekezela. Akunandaba ukuthi isitha sisicebela maphi amaqhinga, nokuthi inkulu kangakanani inselelo ephambi kwethu – UNkulunkulu ungamandla ethu, ngaye siyonqoba. Uma izinkinga zisho ukusicindezela nobuthakathaka bethu busishiya sikhathele, kwangathi singangakhohlwa ukuthi sinoNkulunkulu omandla akhe ahlezi ekhona ngenxa yethu. Sikhala kuye, sithule izinkathazo zethu kuye, uyasizwa, futhi usipha ukuphumula.
Ukulingwa esibhekana nakho kunendlela yokusithibeza ukubuka kwethu kwandise ukukhathazeka kwethu, kwesinye isikhathi sikhathazeka kakhulu size sikhohlwe lapho kuvela khona usizo lethu. Umbhali wehubo usitshela ukuthi uNkulunkulu uhlezi ekhona, elusizo impela ekuhluphekeni.Uma ngabe silwa nokuthola ukuphumula enkosini noma silwa nesono empilweni yethu, uNkulunkulu useduze kwethu. Uhamba nathi, ahole ukuhamba kwethu. Singaba nesibindi ektheni uNkulunkulu akasoze abashiya abahlushwayo, ubukhona bakhe busiqinisekisa ngomusa wakhe waphezulu Kanye nokuvikeleka. Angeke sihlale sikuzwa njalo, Kepha usizo lwethu luhlezi lusemvakwethu; luqinisa izinhliziyo zethu ngeqiniso lakhe esihola endleleni. Ingalo yakhe ihlezi ilulelwe abantwana bakhe – Isiphephelo esinamandla esiqinisekile!