Thethelela,futhi ukhohlwe? - KwabaseEfesu 4:32

“Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKristu”. 

- KwabaseFilipi 4:32

“Thethelela ukhohlwe”.

Kungenzeka ukuba usuke wasizwa lesi sisho ngaphambili. Yize noma abantu abaningi besisho, ngicathi singavumelana ngokuthi kulula ukusho kunokwenza. Muva nje ngizizwa ngiphoselwa inselelo ngesihloko sentethelelo yeqiniso, ekubukeni umusa kaNkulunkulu kuKristu. Uthando lukaJesu lucolekile futhi lulungile. Ubaba ngothando wanikela indodana yakhe ukuba ife endaweni yethu, kanjalo nendodana yabeka ukuphila kwayo phansi ngenxa yethu. UJesu wafa esiphambanweni ukuze izono zethu zixolelwe, ukuze sihlanzwe kukho konke ukungalungi futhi sibuyisane noNkulunkulu. Alukho uthando oludlula lolu. Ekusisindiseni nasekusenzeni abantwana bakhe, uNkulunkulu wasenza ngaphambilini ukuba sifane nendodana yakhe ethandekayo. Uma singabuyekeza ukuthi ungubani uJesu, impela ukuthethelela kumele kubalwe njengolunye lwezimpawu zakhe esizitholayo njengabalandeli bakaKristu. Izimpilo zethu kumele ziphawulwe ngokuthethelela esikuthole/esikubone kuye.

Njenganayo yonke into elungile nenhle eyenziwayo, ukuthethelela kunzima. Akukho kwimvelo yethu ukuthethelela. Asizalwanga silangazelela ukulula umusa. Kunalokho, simandla ukukhomba ukungenzi kahle kwabantu, alisiphunyuki nethuba lokuveza ukuba asiphathwanga kahle. asipheli mandla nokuziveza singabalungileyo. Sibuyisa izehlo ngezehlo ezingqondweni zethu ebese sincamela ukugodla ulaka kunokuthethelela. Siba matasa sifukamela ukuthukuthela nokudinwa kuze kube siyakhohlwa ngukuthi thina uqobo sithethelelwe. Incwadi yamahubo 130:3 ithi “Uma wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, nkosi, ngubani ongema na?” Cabanga impilo yakho ngaphandle kokuthethelelwa nguNkulunkulu. Cabanga ubuyoba yini ukuba uNkulunkulu wabalela iziphambeko zakho kuwe. Ubungeke ume, kanjalo nami. Ukuba besibuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu ngokuphelele Kanye nobubi bezono zethu, besiyokuvuka usuku nosuku simangale ngenxa yokuthethelela kukaNkulunkulu kithi. Ukuthethelela kwabiza uNkulunkulu indodana yakhe, nathi kuzosibiza okuthile impela.

Yize noma ukuthethelela kunzima, kepha akumele yini abaxolelwe baxolele?

Enye yezinto eziningi engizithanda ngoNkulunkulu ngukuthi uma esibizela ekwenzeni okuthize, uphinda asiphe umusa wokukwenza. Akekho kithi ongathanda njengaye. Kepha usinikeze uMoya Ongcwele ukuba abe ngusizo njalo. Kumele sikhuleke sicele uNkulunkulu ukuba aveze umsuka wokungathetheleli kwethu. Noma ngabe yini esivimba ukuba singaxoli, kumele sithobele uNkulunkulu. Kwenye inkathi sinamathela ekungathethelelini ngoba kusenza sibone ukuthi siyasilawula isimo, amandla okwenza akithi, ngakho-ke asibe sisazizwa njengomuntu omncane ozwiswe ubuhlungu. Kepha ukungathetheleli kunguphawu lomphefumulo ontulayo, umphefumulo ongakayiboni ingcebo yokuthethelela kukaNkulunkulu.

Wena nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe” (Amahubo 86:5). Uma uNkulunkulu ongcwele ehlezi ekulungele ukuxolela, kukanjani ukuthi thina sigodle intethelelo? Sithethelelwe ngokuba umsindisi ongenacala wabalwa nabanecala, isono sethu sabalelwa kuye. Kungabe kumele singathetheleli labo abona kithi?

Siphila ezweni lokuwa/lesono. Kunesiqiniseko sokuthi sizozwisana ubuhlungu. Kepha-ke, kumele sikhumbule ukuthi asikho isono esenziwe kithi esingalingana noma esingaqhathaniswa nendlela esimone ngayo uNkulunkulu ngenxa yesono sethu.  Angiqondile ukwenza ukungenzeki kobulungiswa kube kuncane, ukulimala, ubundlobongela, ukuhlukunyezwa Kanye nanoma kuphi ububi ongase kube usuke wahlangabezana nabo empilweni yakho. Ezikhathini njengamakresu sizithola singakolunye olulodwa lwalezi zinhlangothi ezimbili ezahlukene. Kungenzeka ukuba asizimisele nje nhlobo ukuthethelela, noma sizahlulele sizilahle. “Kungabe ngiyiluphi uhlobo lomkristu? Kungani ngikhubeka ngilimala?" Akunalutho ukukhala  ngenxa yokuzwiswa ubuhlungu nokujikelwa, kepha akupheleli lapho, kumele sithethelele. Abanye abantu angeke baxolise ngendlela eyamukelekile uma bekonile, abanye abantu angeke baze bacele ngisho uxolo, kepha sibizelwe ukuba sixolele. Uma sithethelela kumele sikhumbule intethelelo eyalulelwa kithi ngevangeli. Intethelelo engabandi, noma ecanulwa ngumenzi, intethelelo ekhulekela umenzi, intethelelo engabali iziphambeko. Ukuthethelela ngukufa maqondana nawe.

Sivamise ukuzwa kuthiwa “ukungathetheleli yijele”, ngiyakhuleka ukuba ugqashule kulelo jele lobuhlungu, akuve ukungaxoleli kuyijele kuphela, kepha akuhloniphi uNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ehlezi ekulungele ukukuxolela ngaso sonke isikhathi uma ukhala kuye, kanjalo nawe ungamxolela umuntu omuqhelanisile nawe. Kona akulula, kepha kungenzeka. Uma uhluleka ngasekuthetheleleni, ngiyakhuleka ukuthi inkosi enhle ilandlelele inhliziyo yakho iphilise ukulimala kwakho. Thethelela abanye njengokuba uNkulunkulu ekuthethelele kuKristu Jesu.


Previous
Previous

Forgive and Forget? Ephesians 4:32

Next
Next

The significance of the resurrection