Ubungozi bokufisa ukuba ngumshumayeli omkhulu.

U-Zack Eswine ubhala kanje: (okuhunyushwe ngesizulu) “Ukwenza lukhulu wenzela uNkulunkulu kusho okungaphezu kwezintshumayelo Kanye nezinkumbi zabantu.” Yize noma sengifunde izincwadi zakhe ngalalela nezintshumayelo zakhe, ngangingawulalele umyalezo wakhe. Kanti futhi nami ngase ngisendleleni eya emsebenzini wenkosi. Ngangizazi izinto ezinjena. Ngangingazazi? Kepha ngenkathi ngiziba umyalezo ka-Eswine, ngalalela omunye: Izwi eliqhathanisayo. Ngokuba noma ayemkhulu, kusanjalo namanje, wayengafiki kulomshumayeli omkhulu engangifuna ukuba nguye esikhathini esizayo. Nganginesiqiniseko sokuthi ngizoba yinto enkulu nangaphezulu emlandweni womsebenzi wenkosi owenzeka enyuvesi.

Angidingi ngisho ukubuza ukuthi uyakuzwa yini ukungazi nokungaqondi okukhulu kulokhu kufisa. Kepha kungokunye kokuningi okulandelayo uma sifuna ukuba bakhulu emsebenzini wenkosi kunokufuna inkazimulo noma udumo lwenkosi yethu. Futhi kwenzeka kimina.

Bafundisi, funani okukhulu konokuba ngabafundisi abakhulu.

Ekukhumbuleni kwami, bengihlezi ngikuthanda ukushumayela. Ngenkathi ngiphenduka ngiba ngumkhristu ngifisa nokuba semsebenzini wenkosi, engangikufisa kakhulu kwakungukushumayela. Ngangingazi ukuthi kubizani ukuqhuba umsebenzi wenkosi ngempumelelo (ngokuthembeka). Impela kubiza ukushumayela, kepha ukushumayela kodwa akubenzi abafundi.

“Ukushumayela kuphela akwenzi abafundi.”

Ukushumayela kungakwenza uthande uJesu, kepha ukukhulisa enkosini noma ukwelusa kuyisibophezelo esibamba siqinise ubudlelwane. Lokho ngakubona ngonyaka wami wokuqala wokuqeqeshelwa umsebenzi wenkosi. Kepha kwathi emva kweminyaka eminingana lomgomo waba nomthelela kwindlela engenza ngayo umsebenzi wenkosi.

Ukushumayela kuyingxenye yokwalusa emsebenzini wenkosi

Ngesikhathi sokuqeqeshwa kwami, ngezwa sengathi abaholi bami bangenzela phansi. Ngathola amathuba ambalwa okushumayela onyakeni wonke. Kwaba ngaphezulu sengisekolishi lebhayibheli. Lapha ngangicabanga ukuthi isikhathi sami esiningi ngizobe ngicolisisa ukushumayela kwami. Ekuphoxekeni kwami okukhulu, eminyakeni emithathu yonke ngathola ihora laba linye lokushumayela. Lokho kwangenza ukuthi ngingazithandisisi lezi ezinye izinkonzo ezazingisusa kulokhu engangifuna ukukwenza: Ukushumayela.

Ekuqedeni kwami ukufunda, ngathatha isikhundla emsebenzini wenkosi wasenyuvesi, ngangizitshela ukuthi, ekugcineni ngizoba nenqwaba yamathuba okushumayela. Ngempela iphupho lami lase lifezeka. Ngangishumayela hlampe Kanye ngenyanga. Kwezinye izikhathi kube kabili noma Kane ngenyanga. Ngangikuthanda. Kepha kuthe ngilokhu ngiqhubeka nokushumayela, ngabona ukuthi ngiba muncu. Ngangazi ukuthi kuyini.

Qaphelisisa ukulandela isibonelo sabashumayeli abakhulu

Othandweni nasekuthakaseleni kwami ukushumayela, ngase ngilandele abashumayeli abaningi abashumayelayo impela, ngabuka izitayela zabo nendlela yabo. Ngaphinde futhi ngakhula ekungathandini indlela ethile yokushumayela nginganakile. Kunokuba ngilalele intshumayelo ngezindlebe ezivuliwe nokuhlakanipha kokufunda, ngashaya indiva. Lokhu kwangishiya neqeqebana eliyidlanzana labantu engibukela ngifunda kubo. Lokhu, kumele ngikuveze, kwakungekho kubi. Kepha inkinga yaqala lapho ngase ngifuna khona ukuzwakala njengalabantu engangibathanda.

“Inkinga yaqala lapho ngase ngifuna khona ukuzwakala njengalabantu engangibathanda.”

Ngasebenza ukuzwakala nokubhala njengabashumayeli engangibathanda. Kepha kukho konke lokhu, ngakhohlwa ngukuthi angisibo. Ngakhohlwa ngukuthi angidlulanga ezintweni abadlule kuzo emsebenzini wenkosi. Ngangingenelisekile ngokukhula uNkulunkulu ayekusebenza kimi. Ngangibuka ngokuhalela izindlela zabanye ngale kokukuqaphela lokho. Kepha, Ukuba ngangigxile othandweni lukaJesu kunokushisekela kwami ukushumayela, ngicabanga ukuthi kukhona into engabe ngayibona ekushumayeleni kwami.

Izimpawu ezintathu zokushumayela okungekuhle (yize noma kuyimfundiso ephilayo)

1. Ukunganeliseki

Okokuqala nje, ukushumayela kwangikhubaza. Ngabona ukuthi kukhona lomthwalo wokushumayela othwalwa ngabashumayeli. Umthwalo oza nomsebenzi wokuphatha izwi lenkosi ngokuthembeka. Kukhona umthwalo okhubazayo odlula kumyalezo ubhekane nendawo. Angikaze nganeliseke ngokushumayela kwami. Futhi ngiyasola ukuthi nganginganelisekile ngendlela kaNkulunkulu. Wayehamba kancane ekungenzeni umshumayeli omkhulu engangifuna ukuba nguye.

2. Ubuchwepheshe obeqile,ukuhlela intshumayelo eyomile kokukamoya.

Okwesibili, Ukushumayela kwaba ngumsebenzi gelekeqe. Angisho into esondele ekuhlanzekeni. Yayingahlanzekile nhlobo indlela engangishumayela ngayo. Ibhayibheli angilifundanga njengezwi likaNkulunkulu, kepha njengencwadi yobuhlakani noma ngobuchwepheshe ngifuna ukuthola izincazelo ezicashile noma ezifihlakele ekufanele ngizitholele labafundi abangaziboni. Ikhono lami lokwenza njalo lalilifishane. Ngakho-ke, maduze nje, ngabe sengincika kakhulu kwizichazibhayibheli.

3. Ukufuna ukuvela noma ukubonwa.

Ekugcineni, Ukushumayela kwaba wudobo lwezincomo. Emva kwezifundo zami, ngangicathi ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ‘sengikhule’ kangakanani. Ngangingakwenza kanjani lokho ngaphandle kokukhombisa uquqaba ngezintshumayelo zami? Ngangifuna bonke labo ababengikhulekela bengiseka babone ukuthi imisebenzi yabo ayisiyo eyeze.

Ungakhohlwa: Sikhonza/sisebenzela umsindisi.

“Asidingi ukulingisa ukuze sithokozise uNkulunkulu”, kunalokho sikhonza ngalamandla asipha wona.”

Kukho konke lokhu, ngase ngikhohlwe yinto ebalulekile engayifunda ekuqeqeshelweni umsebenzi wenkosi: ‘Siphilela isibukeli esisodwa.’ Lowo nguNkulunkulu. Leli yikhambi elilungile lenhliziyo eholeleka ekuthokoziseni abanye. Umuntu oyedwa okumele simthokozise uthokozile ngathi kwindodana yakhe. Ngakho-ke asidingi ukulingisa, kunalokho ukukhonza ngalamandla uNkulunkulu asipha wona.

Ungayifunda futhi ngolimi lwesiNgisi kulelikhasi elingezansi:

https://africa.thegospelcoalition.org/article/the-danger-in-desiring-to-be-a-great-preacher/

Previous
Previous

Why would blasphemy against Jesus be forgiven, but not blasphemy against the Holy Spirit?

Next
Next

Ukuvunda komusa nesihawu sikaNkulunkulu