Ukuvunda komusa nesihawu sikaNkulunkulu

“Uthando lwakhe lungunaphakade, ububele bakhe abunamkhawulo. Kusha nsuku zonke, Ukuthembeka kwakhe kukhulu. Ngathi : “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye”.

Isililo 3:22-24

Umusa kaNkulunkulu uhlangana nathi esikhathini sokudinga. Kuhlezi kulunga ngesikhathi sikaNkulunkulu nomzuzu awubekileyo. Kwezinye izikhathi, sike sinake kakhulu izimo zethu nokuthi izinto kumele zihambe noma zenzeka kanjani – Siyaqala sikhathazeke sibe nongabazane ngokuthi kungabe izinto zizohamba ngalendlela esifisa ngayo maqondana nesimo esisuke sibhekene naso. Esikhathini esiningi, umusa kaNkulunkulu uza ngendlela ebesingayilindele. Kungaba ngukwanga komngane, izwi lenkuthazo kumuntu ongamazi, ukuphiwa ngokwesidingo nomusa wokusizwa esimweni obungacabangi ukuthi ungamelana naso.

Kungengaba yilokho ebesikulindele noma ebesikufisa, kepha kuvela enkosini eqinile othandweni, enomusa, umninimandla wonke – Umusa wakhe musha usuku nosuku, njengamagagasi eza onqenqemeni lolwandle, elifikayo lihlukile kunelinye noma elike lafika, kepha wonke ayafika ngesikhathi sawo. Umusa wakhe ungaphezu wedlula konke esingakucela nesingakucabanga, umusa wakhe usinika kungabi namkhawulo, futhi singamethemba uNkulunkulu ukwamukela umusa wosuku nosuku, imizuzu Kanye nezimo. Ngakho sidinga ukungakhathazeki ngokuthi sizozamukela nini izidingo zosuku noma zezimo ezithize. Ngokuba siyazi ukuthi lowo ongumninimandla onke uyasinakekela, siyazi ukuthi sizokwamukela esikudingela usuku, isikhathi noma umzuzu.

Konke lokhu kuqubuka ekuthembekeni kukaNkulunkulu okungenakuphela. Ngenxa yothando lwakhe kithi, usinakekela njalo, enakekela izidingo Kanye nenhlalakahle yethu ngezindlela ezingaphezu kokucabanga kwethu. Uthando asithanda ngalo kumele lisenze labo abanelisekile nabanethemba kubaba osezulwini. Ngenxa yothando lwakhe, akumele sibe ngabafuna uthando lwamanga namathemba amanga. Uyisabelo sethu, kuye sithola ithemba – Masingatholakali singabafuna ezinye izinto. Futhi masingatholakali siphila ngokwesaba ngokuba sineNkosi esaziyo futhi esithandayo, ngakho-ke singasondela ngesibindi kuye, nangesibindi sentobeko kuzo zonke izikhathi.

Previous
Previous

Ubungozi bokufisa ukuba ngumshumayeli omkhulu.

Next
Next

Ngaphandle kwami, ningenze lutho (NgokukaJohane 15:1-8)