Ngaphandle kwami, ningenze lutho (NgokukaJohane 15:1-8) 

‘Siyakuba yini, yini esingayenza kungekho ukukhanya?’ Lena yinto eyayisemqondweni wabantu abaningi ngaphambi kokuba sikubone ngamehlo ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga osekwenzeka nsuku zonke. Sasisaba ukuthi sizongabi nanzuzo ekusebenzeni. Kepha, kuthe sekwenzeka sabona ukuthi i-internet isenza singabi nanzuzo kangakanani emsebenzini. Angithi sibe sesijikela ekuphenyeni amakhasi ezincwadini, saqukula isiginci, sahamba noma sahlangana nomngane. Kanti futhi, ngisho ukucinywa kukagesi kungenzeka amahora alishumi ngosuku, sengathi kungenzeke kodwa lokho, kepha kuyoba khona okuningi okungenzeka. UJesu wayengakusho ngalendlela.

Cha, uJesu wayengakhulumi ngokucishwa kukagesi – kepha wayeqonde lokhu “ngaphandle kwami ningenze lutho” (NgokukaJohane 15:5). Ngiyasola, kuyenzeka sicabange ngalalivesi njengokuba sicabanga ngokucinywa kukagesi manje – okuningi kungenzeka ngale kokucabanga ngoJesu noma ukubuza uJesu.

Kuningi okwenziwayo ngaphandle kukaJesu

Omunye angakhuluma akhombe ukuphumelela kwabantu okukhulu emlandweni okwenziwe egameni lentuthuko, kungesilo elikaJesu. Angaze akhombe ngisho ukuthi abantu abaphumelele ezingeni lomhlaba abasiwo amakhristu. Angaqhubeka akhombe ukuthi abaningi abazisho ukuthi bangamaKhristu abakhuleki futhi sincane nesikhathi abasichitha ebhayibhelini, manje-ke, singathi lokhu abakwenzayo bakwenza ngoJesu?

Lokho kungaba yiqiniso, ngaphandle kwento eyodwa nje: UJesu wayengakhulumi nganoma muphi umsebenzi. Ivesi 8 lalesahluko lisitshela ngomsebenzi uJesu ayekhuluma ngawo, longeke wenzeke ngaphandle kwakhe; imisebenzi yenkazimulo “ubaba uyakhazimuliswa ngalokhu” (Ivesi 8). Ngakho-ke kuliqiniso, kuningi okwenziwa ngaphansi kwendodana kepha okungamthokozisi uNkulunkulu. Kungekho okukhazimulisa uNkulunkulu kukho, okumnikeza udumo olumfanele. Ngakho-ke, Singazi kanjani uma esikwenzayo kukhazimulisa uNkulunkulu? Ngaphambi kokuba sifike kuleyongxenye yombuzo “kanjani” ake sicabange ngokuthi “ubani” – Ngubani ongakhazimulisa uNkulunkulu?

Umuntu ohlanzekile

Ukuhlanzeka akusho ukucophelela okweqile. Akusiholeli nasekugcineni imithetho yethestamente elidala Kanye nemikhuba yalo maqondana nokuhlanzeka. Kepha kwithestamente elisha, kwezinye izinto, ukuhlanzeka kukhuluma ngobungcwele. UJesu wakhuza abaFarisi nezazimthetho ngokunakekela ingaphandle nendlela ababukeka ngayo, kungesikho ukuhlanzeka kwangaphakathi (NgokukaLuka 11:37-54). UJesu uqhubeka uveza ukuthi ukuhlanzeka kwangaphakathi akusiyo into ongayisebenzela, kepha itholwa kuNkulunkulu (vs 40). Kukanjalo nakithi kulesikhathi.

UJesu uthi ngumuntu osehlanzekile ongathokozisa uNkulunkulu, nokuthi usebenzile (abafundi bakhe) bahlanzeka. “Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini” (NgokukaJohane 15:3). UJesu uthe bahlanzekile (bangcwele), kungesikho okuvela kubo noma imisebenzi yabo, kepha ngezwi lakhe. Munye vo umuntu ongakhazimulisa uNkulunkulu, owenziwe wamusha, wamukeleka phambi kukaNkulunkulu ngezwi likaJesu elihlanzayo! Ngamanye amazwi, ungazikhathazi kakhulu ngokuthi ungamukhazimulisa kanjani uNkulunkulu uma ungazi kuqala ukuthi ungubani phambi kwakhe uNkulunkulu. Ngakho-ke kulabo abahlanziweyo, singamukhazimulisa kanjani uNkulunku?


Umfundi kaJesu

Kungakuhle ukuqaphela kuqala, uma uhlanziwe wangcweliswa ngoJesu Khristu, usungothokozisayo kuNkulunkulu ngenxa kaJesu. Kubalulekile ukukhumbula lokho kuqala ngoba yikho lokhu okusenza abafundi baJesu. Okwesibili, ngokuba kusebenza njengokusiphushayo, ukwazi ukuthi uJesu usenzele okungenzeki kuzosenza sifune ukumthokozisa. Nazi izindlela ezimbili  esingaveza ngazo ukuthi singabafundi baKhristu okhazimulisa uNkulunkulu.

1. Izwi malibe yigugu

Kulamavesi, igama “hlalani” yigama eliphindwe kaningi. UJesu wayala ukuba abafundi bakhe bahlale kuye njengokuba naye ehlala kubo (vs. 4). Phezu kwalokho, uyabatshela ukuthi uhlala kanjani kubo, ngezwi alikhulume kubo. Ngamanye amazwi, njengoba beqhubeka bezwa futhi bephila izimpilo zabo ngezwi likaJesu, yize noma bengesibo abangenasici, uJesu uhlala ezinhlizweni zabo. Akumele sicabange ukuthi kithi kukhona okuhlukile bazalwane.

UJesu ufuna amazwi akhe abe yigugu kithi ngokuba ayimpilo. Sizokwazi ukuthi siwenza igugu kangakanani amazwi akhe ngokuthi siya kangaki noma kangakanani encwadini asinike yona, ibhayibheli. Asikwazi ukukhuluma impilo esingenayo. Kuphela uma amazwi kaJesu egcwalisa ingxenye eningi noma enkulu kithi kuze kubonakale kwizenzo. Angeke sichichime ubumnene uma izinhliziyo zethu zigcwele umona, njengokuba isihlahla samagilebhisi singeke sathela u-anyanisi. UJesu uhlala kithi ukuze ezosisebenzisela umbuso kababa wakhe. Ungamuvumela ukuba afake izwi lakhe kuwe, kungesikho okwakho kuphela, kepha nangenxa yalabo abazoza belifuna?

2. Thandaza ngokwezwi

UJesu ufuna sicele “niyakucela enikuthandayo” (vs. 7) Uma sikuthanda siyakwenzelwa. Uma sigcwele ukuzazi, maningi amathuba okuthi sizocela ngokuzicabangela thina. Kepha uma njengoba sekushiwo, uma sigcwele amazwi kaJesu, siyakucela kubaba ukuba intando yakhe yenziwe, kungabi ngeyethu.

Isethembiso “niyokwenzelwa” angeke lapha sithathwe ngokuthi; konke esikucelayo siyokwenzelwa, ngokuba ngisho uJesu uqobo wake wangenzelwa, makadunyiswe uNkulunkulu, ukuthi sisuke kuye isitsha. Kepha engenzelwanga lokho, wanikezwa induduzo yokubekezelela intando kababa awazinikela kuyo. Kunjalo nakithi, uma sesikhuleke sakhuleka kodwa sangayithola impendulo, “kumele sithembe ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zilungile njalo” (J. Piper). Kepha yiba nesiqiniseko sokuthi uma ukhuleka ngokwamazwi kaJesu, igama likaNkulunkulu lizokudunyiswa yibo bonke, umbuso wakhe uzakufika ngokuphelela, intando yakhe yenziwe emhlabeni nasezulwini.

Lena yiyonanto kuphela ebalulekile, ukuthi intando enhle kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni njengasezulwini. UJesu uyasimema ukuba sihlanganyele ekuziseni umbuso kaNkulunkulu emhlabeni. Akukho ukuhlonishwa okudlula lelilungelo lokuthenjwa ngomyalezo kaNkulunkulu wokubuyisana. Ngaphandle kukaJesu, singenze lutho ngalokho.

Previous
Previous

Ukuvunda komusa nesihawu sikaNkulunkulu

Next
Next

Nikhuleke ningaphezi: Kungabe kusho ukuthini, kona kuyinto engenzeka? (Ukufunda kumfundisi u- Hsi)