Nikhuleke ningaphezi: Kungabe kusho ukuthini, kona kuyinto engenzeka? (Ukufunda kumfundisi u- Hsi)

“Nikhuleke ningaphezi.”

Lowo ngumyalelo kamphostoli uPawulu encwadini yokuqala KwabaseThesalonika 5:17.

Hleze, ekuphenduleni, lemibuzo yomibili ishesha ifike:

  1. Kungabe kusho ukuthini lokho?

  2. Yinto engenzeka leyo?

Ukufunda kumfundisi u-Hsi

Sengithole imilando yempilo yamaKhristu eminingi ingukudla okumnandi kwakamoya. Muva nje, ngiqede ukufunda “ngomfundisi Hsi” okwesibili, ngokubhala kuka Mrs Howard Taylor. Ukuthi umbhali usebenzisa isibongo somyeni wakhe kumele kukutshele ukuthi umlando wokuqala mudala kangakanani –lapha-ke,  iminyaka yama-1900. Okuqukethwe encwadini kona kudala ngaphezu kwalokho. U-Hsi waphila ngowezi-1835-1896.

Ngaphambi kokuba athembe uJesu njengenkosi nomsindisi, u-Hsi wayefunda ngenkoleloze eyaqala kwelamaShayina ebizwa nge-confucianism, wayenomphefumulo olambele ukucaciseleka. Emva kobunzima Kanye nesimo sempilo esingesihle, waba esegxila kwisidakamizwa i-Opium. Umlando wakhe uyasivezela ukuthi uNkulunkulu wamuhlangula kanjani esonweni nakwisidakamizwa, wamenza kabusha njengomvangeli, umfundisi Kanye nomsunguli wendawo yabalwa nalolubhubhane lesidakamizwa kwelamaShayina izwe, leyo ndawo yasetshenziswa nguNkulunkulu ngokungamandla ukulwisana nalesidakamizwa. Indaba ka-Hsi iyamangaza futhi iyakha, ngingakugqugquzela nawe ukuba uyifunde.

Ukukugabisela ngengcebo, awuthi ngiphawule ngakulesingeniso ngendlela eveza ngokusobala ukuthi kuchazani noma kusho ukuthini ‘ukukhuleka ungaphezi’ kubukeka kanjani kumaKhristu akwelaseShayina:

“U-Hsi wakhuleka ngayo yonke into; efuna usizo lukaNkulunkulu kwezamabhizinisi, kanjalo nakwezomndeni, kalula nje nangesibindi njengokuba wayekhulekela izinto zakamoya.

Isibonela, wayekholwa ngukuthi uNkulunkulu wazi kancono kunaye ngezolimo, nokuthi wayefuna ukunakekela umhlaba wakhe Kanye nezitshalo zakhe njengokuba emisile.

Njengokuba umbusi omkhulu emhlabeni, uma engubaba, unakekela abantwana bakhe kangangokuba enakekela izindaba zezwe. Ubaba wethu akaqedwa: Okungukuthi, akanamkhawulo.

Ngakho-ke u-Hsi wakhuleka “engaphezi,” ngokuba wakhuleka ngazo zonke izinto, umzuzu nomzuzu, usuku nosuku.”

Mfundisi Hsi ngokubhala kuka Mrs. Howard Taylor

Njengoba nawe ungazibonela, ukuqonda kuka Hsi ubudlelwane noNkulunkulu buhlangana bube yinto eyisimanga, futhi nje, emnandi. Umkhuleko oqhubekayo ogxilile kukho konke, wawuzihambela nje ngokwemvelo. Kwakungekho kuye ukuhlukanisa okungcwele noma okwenkosi. Ngokwazi uJesu wabona kungekho okungaphansi noma okungaphezulu kukababa wakhe! Uyaqhubeka uTaylor:

“Umphumela owodwa walomkhuba wokukhuleka waba yisimo semvelo sokubona isandla sikaNkulunkulu ezintweni zonke. Pg.264

U-Hsi Wayehamba noNkulunkulu ngokukhuleka

Umlando wakhe uveza uhlobo lwendoda okwathi noma ihluleka ukuhluleka okubonakalayo. Yahamba noNkulunkulu njengoNkulunkulu wayo kuJesu Khristu ehamba ngoMoya. Ngiqinisekile ukukholwa kwakhe nokukhuleka kwakhe kwasetshenziswa nguNkulunkulu njengesitsha sokudlela Kanye nolwazi lwakhe lukaNkulunkulu. Okungukuthi, Ukukhuleka kwakhe phambi kukaNkulunkulu kwakhulisa ukwazi kwakhe uNkulunkulu, ngokuba; akusilo yini iqiniso ukuthi lokho esikukhulekelayo siyakwazi isikhathi esiningi? Kepha futhi, umphumela wolwazi lwakhe kwakungumkhuba wakhe wokukhuleka – ngokuba, uma sikhula ekwazini uNkulunkulu, siyakhula ekuncikeni kuye ngomkhuleko.

Ngakho, Kungabe kusho ukuthini ukukhuleka ungaphezi, yinto engenzeka leyo?

U-Hsi usinikeza isibonelo kokuqukethwe nokungenzeka.

“U-Hsi wakhuleka ngayo yonke into; efuna usizo lukaNkulunkulu kwezamabhizinisi, kanjalo nakwezomndeni, kalula nje nangesibindi njengokuba wayekhulekela izinto zakamoya.

Kulabo phakathi kwethu abakuJesu, kwangathi ubaba wethu omuhle angakhula kithi kulokhu, ikakhulukazi sisakhumbula umyalo wakhe:

“Thokozani njalo, nikhuleke ningaphezi. Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani” 1 KwabaseThesalonika 5:16-18.

Previous
Previous

Ngaphandle kwami, ningenze lutho (NgokukaJohane 15:1-8) 

Next
Next

God’s oases of mercy and grace