Uhambo (Pilgrimage)
Isiqalo sendlela kwabahambayo;
Ukufiphala kwelanga ezintabeni.
Kumnikazi wohambo;
Ukuhlehla kwalo malivumela ubumnyama.
Kum’hambi wendlela, ubumnyama isinengiso.
Kwabaqonda uhambo; Ubumnyama bufana nom’buzo;
Akukho ukuphendula ngaphandle kwawo,
Ngaphandle kwabo, akukho ukuphenduka.
Sihamba emeveni, Olukamabuyaze uhambo
Uma singaphendukeli kumnikazi wohambo.
Ubumnyama kusithwalisa inyanda ehlane
Impilo bese siyikala ngesisindo semithwalo.
Kanti imithwalo inethunzi elibi lokufa
Ukuphila kwayo ehlane kuyakhokhelwa.
Ehlane, imithwalo nemishwayilense;
Umufi nomufi ithuna lakhe uyazimbela.
Kuloluhambo, indlela inokwehlela noma kukhuphukela;
Kuphela nje uma singasindelwa.
Bathi myekeni uxam' akavinjelwa
Noma yini ayifunayo uyazitholela
Inqubo nje uma engaphelelanga ejele,
Kodwa beliyini ijele ehlane,
Ngoba sonke nkosiyenkantolo,
Uma kungekho okhomba indlela siyefana.
Ukuqonda lokhu ohambweni, kuwukuphila.
Kufana nocwezu emathunjini esisu somhambi
Usuthiswa izwi elilodwa lomnikazi wendlela
Ngaphezu kwezinkulungwane zamaqebelengwane.