Ukubusa ngokubuswa
Ukukhothama kweNkosi uZwelithini, kuvule intuba yengxabano nenzondo nombango. Abaziyo bathi lokhu okwenzeka endlini yasebukhosini akusiso neze isimanga, ayikho iNkosi ekhwela isihlalo ngaphandle kombango. Omunye umzekelo, yiwo futhi owasekuphakameni.
Lokhu kukodwa, kuyintuba esikhombisa indlala ekhona yomuntu ukuba abuse. Ukubusa, ukuba negunya lokuhola nelungelo lokulalelwa nokuhlonishwa. Ukubusa akusikho nje kuphela okwabantu abangamakhosi, kodwa okwabantu bonke ezindaweni zonke ngokuhlukwa kwezikhundla.
Zonke izikhungo zemfundo noma zokusebenza kuba khona umuntu, noma abantu abanikwa igunya nelungelo lokulalelwa nokuhlonishwa abanye abasuke bengenalo (ukubusa). Kanjalo nasemiphakathini esihlala kuyo, nasemakhaya imbala, khona ababa negunya elikhulu ngaphezu kwabanye.
Lendlala yokulangazelela leligunya liboniswa yikho ukuthi laba abasuke bebekiwe emagunyeni, imvamisa, akukhethi ukuthi babusa kahle noma cha, kodwa kuhlezi kunabantu abangalaleli futhi abangahloniphi laba abasuke besemagunyeni. Yingakhoke kuyake kube nemibango, noma nezinxabano, ngoba nobani ufuna igunya ukuze naye akwazi ukubeka owakhe umthetho.
Okubike, yikho ukuthi ababa negunya, akusibo bonke abawasebenzisa ngendlela efanele, nelungele abanye abantu. Lokhu sikubona kakhulu ezweni lakithi kakhulu kulabo abanegunya ukuqinisa umthetho emajele, emgwaqeni nasemiphakathini. Baningi abantu abangenazo izincwadi zokuqhuba ngenxa yokuthi bamelene nokugwaza. Ziningi izigila mkhuba ezingajezile ngoba zinemali yokuthonya ingalo yomthetho.
Uma besingazibuza ukuthi lokhu kubambela igunya kusukaphi na? Ngoba ukulamba, noma ukoma noma ngabe okwani kuchaza ubungekho kwemfanelo ethile. Ukoma kwesikhumba kuchaza ukushoda kwamafutha okuthambisa. Ukoma komhlabathi kuchaza ukushoda kwemvula. Ngakho ukomela ilungelo lombuso kuchaza ukushoda kombuso owanelisayo.
Izwi likaNkulunkulu lisichazela kabanzi ngombuso kaNkulunkulu obekelwe wonke umuntu odaliwe, okuwukubusa kanye nangaphansi kukaNkulunkulu umdali wezinto zonke. Kodwa selokhu abazali bokuqala bawala lombuso, bonke abalandela emva kwabo bawela embizeni, bazifunela eyabo imibuso. Lokhu, ilokhu Izwi elikubiza ngesono. Ukungafuni kube khona umuntu noma into enegunya phezu kwempilo yakho, noNkunkululu owasidalayo imbala.
UNkulunkulu akanayo imabangi. Mkhulu kakhulu ukuthi engabanga ubukhosi nathi njengezidalwa zakhe. Ngakho njengoba uNkulunkulu engabangisani, futhi engeke aze abangisana nanoma ubani… ubekile ngothando lwakhe nangomusa wakhe isikhathi esizayo ukubuyisela bakhe egunyeni elifanele nasembusweni owanelisayo.
27 Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
UNkulunkulu ubeke isikhathi lakhona lonke igunye alinikezele yonke imubuso yomhlaba, emnance nemikhulu, liyakuphucwa linikwe abantu abazizwa ngegama lakhe. Abantu abamfuzile, ngaphezu kokufuza abazali bethu bokuqala uAdamu noEva.
Yibo laba abangcwele bophezu konke, abayakubusa naye kuze kube phakade.
Bangobani ke laba abangwele… singaqiniseka kanjani ukuthi nathi sibalwa kanye nabo ukuze sibe nethemba lombuso ongcono ongayikuphela?
Izwi lisifundisa ukuthi, okwamanje kelesisikathi, uNkulunkulu igunya lakhe lonke ulibeke kwiNdodana yakhe uJesu Kristu. Athi, emva kokuvuka kwakhe ekufeni, wathuma ngalo abafundi bakhe abayishumi nanye ukuba basabalale umhlaba wonke benze abanye abafundi (Mathewu 28:16-20).
Ukuba umfundi kaJesu… kuchaza khona ukuba sesikoleni esingaqedwa. Akusilo iphakade uma linesigcino. Kunjaloke nokuba umfundi kaJesu, simfunda njalo, kukho konke, ngakho konke kuyoze kube ukugcwala nokufezeka kwako konke uNkulunkulu akuthembisile.
Yiboke abafundi bakaJesu abaykunikwa leligunya analo lokuba babuse naye ekuphelelisweni kwezinto zonke. Uma silalela lokhu okufundiwaswa nagabafundi bakhe, okulotshwe emibhalweni engcwele, sikwamukela, sikukholwe, sikuvumele kushintshe imibono yethu, sikuvemele kumelane nothando lwethu lokubusa nokungafuni ukubuswa, uNkulunkulu usebenzisa khona ukuba asiphe ukuzalwa okushwa okungokamoya, okuyisa ekuphileni. Okungafani nozalo oludala lenyame oluyisa ekufeni.
Konke okunye okusithembisa umbuso ongcono kwakulelizwe, akusoze kwasuthisa indlala umuntu anayo yokubuyiselwa embusweni kaNkulunkulunkulu esasidalelwe wona. Zibuzeke ukuthi ikuphi empikweni yakho la olwelwa khona ukuba negunya nokuthi kungani? Uma uthola ukuthi aweneliseki, nathi ithemba elisha, ukuthi ngokukholwa iZwi likaNkulunkulu siyabusiswa, sibuyiselwa embusweni ophakade eyisakwamukeliswa wona ngomhla wokuphela.