Ukuchazwa kothando – ingxenye yesibili
Kwingxenye yokuqala kuchungechunge “ukuchazwa kothando” sibuke incazelo yebhayibheli yothando ngokusebenzisa incwadi 1 KwabaseKorinte 13:4-7. Sibuke ngokugxila ivesi 4 no 5 sawacubungula lamavesi womabili siwahlaziya. Lena yingxenye yethu yesibili nengeyokugcina kuchungechunge “ukuchazwa kothando”, sizobuka kakhulu ivesi 6 no 7 encwadini yokuqala kwabaseKorinte 13.
Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; aluthokozi ngokungalungile, kodwa luthokozela iqiniso; lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke. (1 KwabaseKorinte 13:4-7)
Uthando aluthokozi ngokungalungile, luthokozela iqiniso. Ukuthanda, ngukuzwiswa ubuhlungu yisono. Uthando lwangempela aluthokozi esonweni; alusigqugquzeli isono, alusithathi kancane noma luhleke isenzo sesono, kepha luzonda lokho okubi. Uthando alenzeli isono izaba, aluthokozi ekungalungini. Uthando lweqiniso aluthengisi ngeqiniso, kepha luthokoza eqinisweni. Uthando lamukela ngokuthokoza ukulungiswa “lulimaza ngokunakekela.” Uthando lweqiniso lugqugquzela ukulunga, lithokoze lapho kwanda khona iqiniso.
Uthando lusibekela zonke izinto. Uthando lwangempela lusibekela inqwaba yeziphambeko. Lokhu akuchazi ukuthi asibhekani nanoma yiluphi uhlobo lobubi, kepha kusho ukuthi uthando lwethu aluncikile ekutheni abanye basiphatha kanjani. Uthando lwangempela lufuna ukuvikela. Uthando lubekezelela ubunzima ngenxa yabathandwayo, luma luqinile, ngisho ngaphansi kosizi nobunzima. Uthando lweqiniso luyaphikelela.
Uthando lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke. Uthando lweqiniso aluyekethisi futhi aluve lungaboni. Uthando lweqiniso alucabangi ukuthi okunye kwenziweleni, alunazinsolo futhi alusheshi ukwenza isigqibo. Uthando alusoli ngamanga, kepha luhlola zonke izinto. Uthando alupheli amandla, aluve lungenathemba ngengomuso. Uthando lweqiniso luyathemba, luphumula lithemba uNkulunkulu.
Uma sisaziqhathanisa nabanye, sizothola intuba yokuzigqaja kwimizamo yethu. Kepha, uma siqala ukwenza uthando lukaKristu isikali, ngisho esothando lwethu, sizobona ukuthi asikwazi futhi kwesinye isikhathi asizimisele ukuthanda abanye ngendlela uNkulunkulu asibizela ukuba sibathande. Ukuthanda omunye akusho ukuthi sivumelana nakho konke abakwenzayo noma abakushoyo, kepha njengalabo abagcwele uthando lukaNkulunlkulu noMoya kaNkulunkulu; sibizelwe ekuthandeni bonke abantu, kuzo zonke izimo. Ngakho-ke, kumele sikhulekele ukuthi uNkulunkulu asifundise ukuthanda abantu kancono, nangendlela elungile. Uthando luyisinqumo, khetha ukufuna uthando.
Amarefarensi:
[1] Part 1 of "Love Defined" (Ngidi, L - 2022)
https://thebibletalks.org/devotionals/love-defined-1-corinthians-13
Zulu version:
https://thebibletalks.org/devotionals/ukuchazwa-kothando-1-kwabasekorinthe-13
[2] "Wound With Care" (van de Avoort, R - 2022) https://thebibletalks.org/devotionals/faithful-friends-who-wound-with-care
Zulu version:
https://thebibletalks.org/devotionals/abangane-abathembekile-abalimaza-ngokunakekela