Ukukholwa akusho ukungahlushwa

Ukukholwa yiNkosi Jesu ngokweqiniso, akwenzi ukuba ihlane libe yizulu. Ngichaza ukuthini na?

Ukukholwa

Kuningi ukukholwa abantu abakucabangayo. Kodwa ukukholwa engikhuluma ngakho lana, okuyisipho esivela kuNkulunkulu ngoKristi uJesu esindisa umuntu olakeni lukaNkulunkulu eliwukubhujiswa kwaphakade (Eph 2:8). Osefumene lesisipho ubonakala ngokushintsha izenzo (zokucabanga nokwenza) ngexa yokuguqulwa kwenhliziyo nenqondo yabo (Ezekiel 36:26-27, Romans 12:2, 2 Cor 5:17). Ilokhu kukholwa engikhuluma ngakho ngenhla.

Nakukho lokukukholwa okunje, akwenzi ukuba impilo ibe lula. Yilokho okuchazwa Yihlane.

 Ihlane

Impilo ngiyifanisa nehlane, kwabakholwayo. Ihlane liyindaba enkulu encwadini uExodus. Abantu bakaNkulunkulu balizungeza ihlane iminyaka neminyaka bengafiki ezweni lesethembiso. Impilo ehlane kwakuyimpilo eyisiphakathi kokubili. Babephila phakathi kokusindiswa kwabo ebugqileni base Gibhite, nesithembiso somhlaba ononile iKhenana (Exodus 3:17). Kanjalo namakholwa alandela uJesus Kristu. IBible lisifundisa ukuthi aphila esiphakathini. Phakathi kokusindiswa kwawo emnqamlezweni esiphambanweni, nezulu elisha nomhlaba omusha wesethembiso. Ihlane uhambo lwawo wonke amakholwa. Amakholwa esivumelwano esidala, ayehamba ehlane langempela. Kanjalo namakholwa esivumelwano esisha, ahamba ehlane likamoya.

Linabudlelwane buni ihlane nokholo lukaNkulunkulu/Linabudlelwano buni ihlane nokukholwa nguNkulunkulu?

Impilo yasehlane inzima. Okunzima kakhulu ehlane indlala nokoma. Kuningi ukoma esingabanakho uma singekho ehlane. Ukomela uphuzo oludakayo. Ukomela abangani. Ukomela inkanuko. Ungabala kube kuningi. Okubi ngalokhu wukuthi, okunye kwakho noma kukuhle, njengokomela ukuba sekhaya uma usemazweni, kodwa imvamisa konke kucima ukoma okubaluleke kakhulu. Akukho ukoma okubaluleke okwedlula ukoma komphefumulo, womele uNkulunkulu owawudalayo. Uma sizwa lokhu koma, siyake sikuphambanise nokomela ezinye izinto. Ngamanye amazwi, sigcine sesizama ukucima ukoma komphefumulo ngezinto zenyama. Kodwa uNkulunkulu uyafuna ukusisuthisa emoyeni yethu.

Uma usehlane, yonke enye into ayibaluleki ukwedlula amanzi nokudla. Noma ngabe yini enye ekhona, ayenzi mehluko uma kungekho amanzi nokudla. Kanjalo uNkulunkulu uyasiyekelela ehlane ukuba sifunde ukomela okuyikho. Sikwazi nokuhlukanisa ukusuthiswa komphefumulo nokusuthiswa kwenyama. Ngamafuphi, uNkulunkulu akathi uma sesikholwa ebese esiyisa ezulwini siyophila kamnandi, noma singabe sisavelelwa lutho olubi. Akunjalo.

 

Kunjengoba kwabanjalo naku Israel uphuma eGibhithe, balamba, boma, banethwa yizimvula bahlaselwa nangezinye izizwe. Uhambo olwalungaba yizinsuku ezingu Eleven lwaba wuhambo lweminyaka engu forty. Isizathu salokho, uNkulunkulu wayefuna baqonde, njengoba efuna namakholwa akulesisikhathi ukuba aqonde, ukuthi - uNkulunkulu kuphela osuthisa imiphefumulo yethu. Ukuphila akusikho kuphela ukusuthiswa yisinkwa, kodwa kakhulu ukusuthiswa yizwi likaNKulunkulu. Ihlane libakhombisa ukuthi uNkulunkulu uyanakekela, wabehlisela isinkwa saphezulu ukuba basuthe, kodwa bazi ukuthi basuthiswa nguye. uJesus wehla emhlabeni njengalesosinkwa sakudala imana, ukusuthisa imiphefumulo elambele uNkulunkulu. Ngaphambi kokuba sinyelele ekhaya ezulwini, uNkulunkulu ufuna simazi ngokuhamba naye ehlane, asibonise ubuhle bakhe, ukuthembeka kwakhe, ukwazi kwakhe nokunakekela kwakhe. “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma." (John 6:35)

Previous
Previous

Baptism in the New Testament and what it means to us today

Next
Next

When we’re frustrated with other Christians: 6 responses