Ukukhulekelana, omunye nomunye
Kuhle ukuthi sikhulekele labo abaseduze kwethu. Ikakhulukazi abafowethu nodadewethu enkosini, ukuletha izidingo zabo phambi kukababa osezulwini. U-Wilbert Bruce, owayeshumayela kwelase-Phillippines kusukela ngowezi 1959, iminyaka elishumi nantathu, usicobelela ngobuhlakani bokuthi ungabakhulekela kanjani abanye. Awuthi ngibhale amaphuzu amahlanu angihlaba umxhwele embhalweni wakhe.
1. Khuleka ungaphezi ukhulekela ukuholwa nguMoya Ongcwele maqondana nezidingo zabantu obakhulekelayo.
2. Yisho ngqo, ukhulekele okuthile ngokukubalula nangohlelo lokukhuleka futhi uqinisele ekukhulekeleni abanye.
3. Khulekela abanye njengalokhu uzikhulekela wena. Noma kungabe iyiphi inkinga onayo, kungenzeka nabanye banayo ngandlela thize.
4. Sebenzisa amazwi noma ingxenye yebhayibheli ukukhulekela abanye. Nanka amavesi ongawasebenzisa: Kwabase-Efesu 1:15; 3:14; KwabaseKolose 1:9-12. (Sebenzisa amazwi ebhayibheli uma uzikhulekela nawe uqobo).
5. Yamukela okumele ukwenze. Kwangathi ungakwamukela ukunxusela abanye nokungena ngqo kumshikashika wokubakhulekela.
Ngiwathole lamaphuzu amahlanu ka-Bruce ewusizo ekungivuseleleni ukukhulekela abanye. Uvala ngalomkhuleko:
“O Nkulunkulu, sivuse sonke kokumele sikwenze okungukukhulekelana ukuze wonke amakristu adumise wena afeze nenjongo esisindiselwe yona!”
Aman! Asithandaze!