Ukuphila kweqiniso kuJesu
“Kuye kwakukhona ukuphila; lokho kuphila okungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima” – NgokukaJohane 1:4-5
Sesiqeda lonyaka, ngithanda sikhumbule lamaqiniso abalulekile. Leliqiniso libalulekile kithi sonke ukuthi silibambe ngokuba lisithinta sonke. Likuthinta ungumkristu noma ungesiye, sonke siyadinga ukukhunjuzwa ukuthi uJesu ungumthombo wokuphila.
Evangelini ngokubhala kukaJohane, sikhonjiswa uLizwi. ULizwi – owayekhona ekuqaleni, owayenoNkulunkulu ekuqaleni. UnguNkulunkulu nomdali wakho konke (1:1-3). UJohane uyaqhubeka kulelivesi eliphezulu, uthi kuye (uLizwi) kunokuphila, nokuthi lokhu kuphila kungukukhanya kwabantu. Ngaphambi kokuba siqaqe incazelo yalokhu, ake sibuke ukuthi kukhulunywa ngobani lapha ekuqaleni kwevesi esilibukayo.
Ivesi 14 laso lesahluko lichaza uLizwi njengogcwele umusa neqiniso. Kuvesi 17, uJohane uveza ukuthi; umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu. Kusukela lapho siyabona ukuthi uLizwi nguJesu. Lapho esifunde khona singasho ukuthi; uJesu ungukuphila. Lokho kuchaza ukuthi uJesu ungumthombo wempilo yokubonakalayo (indalo) Kanye nempilo yakomoya (ngokufa kwakhe esiphambanweni).
UJesu ungumthombo wempilo yokubonakalayo nokwakamoya. Kepha-ke, kulokhu okungaphezulu, uJohane ukhuluma ngokuzayo kunokwedlule. Siyabona ukuthi impilo anayo uJesu ingukukhanya kuluntu (vs 4). Ukukhanya kukhanya kangangokuba ubumnyama abukwazi ukukucima. Evangelini ngokukaJohane, uJohane usebenzisa ubumnyama ukusho isono (NgokukaJohane 3:19) noma izwe esiphila kulo (NgokukaJohane 8:12). Konke lokho uJesu wakunqoba ngokufa nokuvuka ukuze bonke abakholwa kuye babe nokuphila kweqiniso: Ukuphila okuphakade (NgokukaJohane 3:16).
Siyabona lapha ukuthi uJesu, engumthombo wokuphila kunomphumela waphakade kithi sonke.
Owokuqala umphumela noma umthelela; ngaphandle kukaJesu, akukho ukuphila. UJesu uthi “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kubaba ngaphandle kwami” (NgokukaJohane 14:6). UJesu ukhuluma ngendlela eveza ukuthi akekho ongakwazi ukuya kuNkulunkulu, abe nobudlelwane noNkulunkulu, ngaphandle kokwazana naye. UJesu uziveza njengokunguye yedwa onikeza ukuphila, ukuhlanganyela nobaba ongcwele. Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kokuthemba uJesu ukuze ube nobudlelwane noNkulunkulu, sifile ezonweni zethu (Kwabase-Efesu 2:1).
Singabukeka siphila, siqhubeka nokwethu kwemihla ngemihla, kepha iqiniso lithi, sifile emoyeni futhi asinabo ubudlelwane noNkulunkulu owasidalayo. Lokhu kungenxa yokuthi impilo ngaphandle kukaJesu – umthombo wokuphila, akusiyo impilo.
Okwesibili okungumphumela kaJesu engumthombo wokuphila ngukuthi ukugcwala kwempilo kutholakala kuye kuphela. Lokhu siyakubona lapho khona uJesu eveza injongo yakhe yokuza emhlabeni, “ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime” (NgokukaJohane 10:10). Njengabantu, sifuna ukugcwaliseka, noma ukwaneliseka nenjongo yokuphila. Sonke sifuna ukuphila impilo ngokugcwele. Sifuna imisebenzi eholela kahle, imindeni emihle Kanye nokwenza okuthile ezweni. Konke lokhu akukubi nhlobo, kepha angeke kusanelise. Ukwaneliseka akutholakali kulezinto. Singaphila impilo ngokugcwele kuphela uma siza kuJesu, umthombo wokuphila.
Njengomthombo wokuphila, kungabe usinika ukuphila okunjani uJesu? UJesu usinika ukuphila okuphakade. UJohane ukhuluma ngakho lokuphila. Ukuphila okuphakade okusezingeni lalokuphila uJesu akunikezayo. Akukho okunye okuthembisa lokho. Lena yimpilo esasidalelwe ukuba siyiphile. Lokhu kuphila kuyisipho sikaNkulunkulu esisamukela ngokuthemba uJesu.
UJesu ukuchaza ngaloluhlobo ukuphila okuphakade:
“Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba wazi wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu” – NgkukaJohane 17:3.
Ukuphila okuphakade yilungelo lokwazi uNkulunkulu ngokuba nobudlelwane naye, okuyilokho esadalelwa kona.
Lapha esifunde khona, uJohane ufuna sibone ukuthi uJesu ungumthombo wokuphila okuphakade nokuba sikholwe nguye (NgokukaJohane 20:31). Lokhu kubaluleke kakhulu ngoba sonke siyathanda ukuba nempilo, kepha kwenye inkathi siyibheka ezindaweni ezingalungile. Sicabanga ukuthi ngokwenza izinto ezithize, ngokuhlanganyela neqembu elithize sinakho ukuphila okuphakade. Kepha, nasi isikhumbuzo ngokukaJohane, ukuthi singaba nokuphila okuphakade kuphela ngoJesu, ngokuba yena ungumthombo wokuphila okuphakade.