Yimani niqine emseni kaNkulunkulu (1 KaPhethro 5:12)
Enyangeni eyedlule ngike ngathola ithuba lokufunda incwadi yokuqala ka Phethro. Lapha ubhalela abakhethiweyo nguNkulunkulu futhi basindiswa ngoJesu Khristu, ebagqugquzela ukuthi baphile impilo ehambisanayo nokusindiswa kanye nokholo lwabo, leyompilo kungenzeka ukuthi iholele ekutheni bahlushwe kodwa bakhumbule ukuthi izinhlupho zivivinya ukholo lwabo. Bamelwe ukuthokoza lapho beficwa izinhlupheko ngoba ngazo bahlanganyela noKhristu.
Uma uPhethro eseyiphetha lencwadi ugqugquzela abafundi bakhe ukuthi bame baqine emseni kaNkulunkulu. Uyini lomusa kaNkulunkulu? Ungukuphakanyiswa okuthenjisiwe labo abazohlupheka ngenxa yegama lakhe. Uyisiqiniseko sefa elizayo kubona bonke labo abazelwe kabusha ngomusa wakhe. Leli yiphuzu uPhethro azama ukusikhombisa lona futhi eligcizelela kusukela ekuqaleni kwencwadi kuze kube sekugcineni. Okuyisona sizathu esikhulu esenza ukuthi athumele uSilvanu, “NgoSIlvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza nokufakaza ukuthi lo yiwo ngokwempela umusa oqinesikileyo kaNkulunkulu. Yimani niqine kuwo.” (5:12).
Kungani kumele sime siqine emseni kaNkulunkulu?
Kumele sime siqine emseni kaNkulunkulu noma sihlushwa ngoba singamaKhristu
Sima sazi ukuthi noma izwe lingasibulala, kodwa sesizelwe kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo, sibe nefa elingapheliyo.
Sima siqonda ukuthi izinhlupheko zethu azilona ize.
Sima sazi ukuthi uma sihlushwa ngenxa yokwenza kahle siyakubusiswa, siyakuphakamiselwa enkazimulweni njengoKhristu.
Uma sesisindisiwe ngoJesu Khristu, izinhlupho zizofika noma kanjani, kumele zifike. Kungasithusi futhi ukufika kwazo, okungamele kusithuse ikhona ukuthi azifiki. Kodwa kumele siqinisekise ukuthi sihlushwa noma sithukwa ngenxa yegama likaJesu, kungabi ngenxa yokuthi siyizigilamkhuba ezenza okubi. Ekuhluphekeni uPhethru amakholwa uyawagqugquzela ukuba abekezele, akhuleke, abonge uNkulunkulu emile futhi eqinile emseni wakhe.