Ukuxolelwa kwezono – Isidingo esikhulu soluntu (NgokukaLuka 5:17-26)

Ungathi yisiphi isidingo sakho esikhulu?

Uma ucabanga ngalendoda ehluphekile ephambi kukaJesu ingenathemba, ungacabanga ukuthi lendoda idinga usizo olungukuphulukiswa emzimbeni ukuze izothola impilo yayo ejwayelekile. Kepha kuqala uJesu uthi “Mngani, uthethelelwe izono zakho”. UJesu wayekade ephulukise abantu abaningi ngaphambili… ngakho-ke wayenamandla okukwenza. Isidingo nqangi salendoda kwakungesikho ukuphulukiswa emzimbeni kepha ukuphulukiswa emoyeni. Zonke izinto esicabanga ukuthi ziyisidingo esisemqoka akusizo ezisemqoka ngempela. Uma umyalezo webhayibheli ngokufa kanye nokuhlulelwa kwaphakade uqinisile, ukuxolelwa kwezono yisidingo esisemqoka kuwo wonke umuntu! Asidingi ukuthi kusonjululwe izinkinga zethu zemizwa, ezezimali, Kanye nezomzimba. Sidinga ukwazi nesiqiniseko esivela kuNkulunkulu ukuthi izono zethu zithethelelwe. Zonke ezinye izidingo ziyalandela. Njengokuba uJesu wake wafundisa, “Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?” (NgokukaMathewu 16:26). Kukhona into ebaluleke kakhulu kunokuba nomzimba ophilayo Kanye nemali eningi; Ukuxolelwa nguNkulunkulu izono zakho.

Ngiyazwelana kakhulu nalabo abadinga ukuphulukiswa emzimbeni, emphefumulweni Kanye nakwezezimali. Nami uqobo ngiyabhekana nezinkinga zendlela engizizwa ngayo nesimo somqondo, futhi ngiyazi ukuthi kunjani ukufuna ukuthi kuphele. Kwenye inkathi inking enkulu, inkinga yomndeni, inkinga yasemphefumulweni, inkinga yezezimali- kungaba yinkinga enkulu kithi. Buka lendoda eyayife uhlangothi – ukukhubazeka kwayo kwakukhomba ukuthi inesidingo esinqala sokuphulukiswa, inesidingo senkululeko. Ekuphulukisweni kwayo inokubonga okukhulu ngokuba yayisazi isimo eyayikuso ngaphambili. Kepha okubaluleke kakhulu; ukuba yayingakaze ikhubazeke, yayingeke iwezwe lamazwi, “uthethelelwe izono zakho”, kuJesu. Izinkinga zethu kumele zisiholele ekufuneni uNkulunkulu. Uma senza lokho, kuyagqama ukuthi inkinga yethu enkulu ngukuhlukana naye ngenxa yezono zethu.

Kungenzeka uyazibuza manje, kungani ukuthethelelwa kudingeka. Kuyadingeka ngoba uNkulunkulu ulungile nangenxa yokuthi uluntu lonke lusesonweni. Kunokuziba umzwangedwa wesono, uNkulunkulu ongumahluleli kwaba nguye owadela indodana yakhe ukuba ihlulelwe ngenxa yoluntu olonganyelwe yisono. Olungile (uJesu) wathatha isijeziso sabanecala, abanecala bathola ukuthethelelwa. UNkulunkulu akazange abe ngohlukumezayo noma ojezisa indodanna yakhe ngokungalungile, kepha uKristu wazinikela entandweni kababa wakhe ngokuzifunela futhi nangentokozo. Lokhu ngukuthethelelwa esikudingayo ngenxa yokuthi, ngaphandle kwakho sihlukene noNkulunkulu, ingunaphakade!

Previous
Previous

Be devoted to prayer (Colossians 4:2)

Next
Next

Forgiveness of sins - humanity’s greatest need(Luke 5:17-26)