Umyalo omkhulu: uthando lukaNkulunkulu noluka makhelwane

28 “Kwase  kusondela kuJesu omunye wezazi mthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”

29 “UJesu waphendula wathi: “owokuqala yilo othi: ‘yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30 Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho. 31 Owesibili yilo: ‘womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.”

32 “Isazimthetho sase sithi kuJesu: “yebo, mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho ngaphandle kwayo. 33 Ukuyithanda ngenhliziyo yonke nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” 34 UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akubange kusaba khona onesibindi sokumbuza.

                                                                                                            ngokukaMakhu 12: 28-34

Isahluko 12 sithanda ukhushuba kuJesu - wonke umuntu ufuna ingxenye yakhe. Izimfundiso zikaJesu zizwakala zinzima kubaPhristi, izazimthetho Kanye nabafarisi. Babefuna izindlela zokumbamba ngamazwi akhe (ivesi13) bese bayambopha (ivesi12). kunokuba baphumelele amazwi kaJesu abenza bahambe behlulekile, bemangele noma bephelelwe amazwi.

Lapha esifunde khona ngaphezulu kuqala ngomunye wababhali owezwa uJesu ekwingxoxo mphikiswano. Wabona ukuthi uJesu wayebaphendula kahle wabe esembuza, “yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?” kungabe wayewubuzelani lombuzo? Yini ayeyilindele ukuthi uJesu ayisho uma emphendula.

Mina nje, ngilindele ukuthi umbhali wayesevele eyazi impendulo ngokuba kufanelekile ukuba wayelazi ithestamente elidala Kanye nemithetho eyahlukene emibhalweni. Kuthanda ukuba nzinyana ukuthola isizathu esisemuva kwalombuzo. Engikubonayo yilokhu: ngokuba wayeyazi impendulo, wayefuna ukubona ukuthi uJesu uzophendula kanjani. Isizathu sakhe, singafani nezahluko ezedlule, kulesahluko kubukeka sengathi lombhali wayengaqondile ukumbekela ugibe ngamazwi akhe.

Uma ubuka impendulo kaJesu, uJesu wayethembekile kwimibhalo yethestamente elidala. Wacaphuna kwithestamente elidala (uDuteronomi 6:4-6, uJoshuwa 22:5 no Levitikusi 19:18). Kungenzeka ukuthi umbhali wahlabeka umxhwele ngalokho. Ukuphendula kukaJesu:

“owokuqala yilo othi: ‘ yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30 woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho. ‘31 Owesibili yilo: ‘womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye omyalo omkhulu kunaleyo.”

Sengifingqa, uJesu uthi umyalelo omkhulu owokuthanda uNkulunkulu ngakho konke, uthande nomakhelwanye njengokuba uzithanda. Ugcina ngokuthi awukho umyalo omkhulu kunalena. Lokhu ngokubekwe ngunkulunkulu, uJesu uyakugcizelela kubabhali naku ISrayeli. Lemiyalelo ibalulekile ngokuba ifingqa yonke imiyalelo eyanikezwa u-Israyeli, eyalandwelwa ababhali Kanye nabafarisi abaningi. Ingxenye yesibili Kanye neyesithathu ezolandela maduze, izosenza sibuyele kulemithetho emibili ebalulekile

Okwamanje ake sibuyele emuva, sibuyele kumbhali njengokuba uJesu esephendule kahle. Lombhali kubukeka sengathi ugculisekile ngempendulo kaJesu, futhi uvumelana naye ngokuphelele ngempendulo yakhe kulombuzo. lokhu akujwayelekile kwizimpendulo uJesu azitholayo kwabafana naye (umbhali) abanezinhliziyo ezilikhuni, ezimbi.

Umbhali uyaqhubeka uyengeza ukuthi uthando lukaNkulunkulu nothando lwabantu lubaluleke kakhulu futhi lukhulu kakhulu kunomnikelo wokushiswa. UJesu ubona impendulo enobuhlakani kulendoda. Ungacabanga ukuthi lombhali ngoba uvumelana noJesu, futhi uphendula kahle kuzophelela lapho. uJesu uyaqhubeka uthi “ awukude nombuso kaNkulunkulu”. Sebekuzwa lokho, akubange kusaba khona onesibindi sokumbuza. Lengxoxo yesikhashana – ukubuka kombhali nokuphendula kukaJesu okufushane kuyindida kimi. Kukhona into uJesu afuna siyiqonde lapha, ufuna sincike futhi sigubhe emibhalweni.

Kungabe kwenzekani lapha?

Kuyacaca ukuthi lombhali uhlakaniphile futhi unolwazi - umusa ovela enkosini. Nokho okushodayo ukukholwa okuza ngokuthemba kuJesu - lowo osondeze umbuso kaNkulunkulu (ngokukaMakhu 1:15). Yize noma impendulo yombhali yayinokuhlakanipha nolwazi - kepha inhliziyo yakhe yayingahleli kuleli qiniso.

Lombhali kwakumele ezwe ukuthi ukude kangakanani nombuso, wayengakuzwa, kepha wakhetha ukungaqhubeki nombuzo noma avume ukuthi lokhu kwakungenzeke kuye (ukugcina umthetho). Ukuzikhethela kwakhe ukungaqhubeki nengxoxo yokugcina yakhe neNkosi kwamqhelanisa nokuzwa izindaba ezimnandi kakhulu ngoJesu.

Uqinisile ekutheni iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ayinayo indawo embusweni kepha uthando lukaNkulunkulu nolukamakhelwane.

Ngakho, uma engavumi lokhu abekwenza, nokuthi akakwazi ukufinyelela embusweni, avume uJesu njengosondeza umbuso futhi, nguye lowo othobele umthetho ngokupheleleyo nalemiyalo emikhulu futhi usisiza nathi ukuthi senze njalo, angaba sembusweni.

Kulula ukuba nolwazi kepha ungakwazi ukulisebenzisa futhi sihluleke ukuthi izinhliziyo zethu zijovwe yizwi likaNkulunkulu, sifuna izindlela zethu zokuba bahle phambi kukaNkulunkulu. iNkosi isibekele umgomo wokuthanda yona nabantu. Lolu ubizo oluphakeme. Akumele siphendule kepha kumele sikhale ngokuba asinalo lokuthando.

Njengalo munye wababhali singacabanga ukuthi singabantu abalungile futhi abanolwazi kepha singahluleka kanzima kwisikali sothando lukaNkulunkulu nolwabantu. Sithanda ezinye izinto kunoNkulunkulu futhi sigxile kokwethu singabheki okukamakhelwane.

Ukuthanda uNkulunkulu ngakho konke nokuthanda umakhelwane njengalokhu uzithanda kuyinto enzima kakhulu ukukwenza. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo - kulula ukuyenza, wonke umuntu angakwenza - akudingi konke okwakho. Kepha uNkulunkulu usibezela ukuthi sibuke kwindodana yakhe ethande uNkulunkulu nabantu ngokupheleleyo.

Akesivume ukungabi nothando kwethu nokuthemba lowo owathanda uNkulunkulu wathanda nomakhelwane bakhe - uJesu Kristu. Asicele umusa eNkosini ngoJesu ukuba isiphe amandla ngomoya wayo ongcwele ukuze sizothanda iNkosi nabantu ngenhliziyo epheleleyo.

Previous
Previous

If marriage is meant to be between one man and one woman, then why is there so much polygamy in the Bible?

Next
Next

Ngokukholwa (Moses part 2)