Useduze njalo-lapha njalo
Uma ngizizwa ngingedwa
Ngikhumbuze ukuba useduze
Uma ngizizwa ngingenakuxhumana nezwe
Uma ngengamelwa ngukwesaba
Ngikhumbuze ukuthi useduze
Ngiyakubalekelaphi ngimuke ebusweni bakho na?
Ngiyakuyaphi ngisuke kumoya wakho na?
Ngokuba ngaye uhlala kimi
Ngingaya kuphi ukuzifihla kuwe?
Njalo njalo ngiphambi kwakho
Angisithekile phambi kwakho nakanye.
Baba, ngenzele umusa
Uma ngingaboni ukubaseduze kwakho
Ukukhumbula ukuthi uhlezi ukhona
Kwangathi ngingaqina isibindi
Uma izwe lemuka
Ubukho bakho bube yinqaba yami engibambelela kuyo.