Baba wethu osezulwini

Baba wethu osezulwini..?

Athule angathi ameni!

Kwale, kungavumi!

Kubuye isithombe, emqondweni

Ajuluke abe manzi

Ecabanga ngolaka lukayise.

 

Lama gama anok'nqaba

Ngamanye amalamga.

Kubakhona into enokubaba,

Uma ngibiza uMdali ngobaba!

 

Phela thina abethu obaba

Sasingasondeli sasibesaba.

Babethula kodwa futhi benolaka

Noma beqhamuka sasibaleka

 

Nomama naye uthi kwakungelula

Ubaba ubengaphikiswa, ubezidalela

Namanje bamkhomba eMpumalanga

Umama umfelokazi ngiyafunga!

 

Okubuhlungu ukuthi angingedwa

Ngoba ngisho sisakhula

Abebabazi obaba, babeyingcosana babebaleka!

Ngoba uma sekubhilite inkanuko, babebaleka!

Manje nami ngiyahlukeka!

Ukudweba isithombe sothando lukaBaba, ngobaba.

… …

Bheka ubonani ezandleni?

Amanxeba nasezinyaweni.

Ngafulathelwa uthando lweKumkani ukuze ngibe nani!

Kukhona uzalo olusha mukhuphukela entabeni

Imbewu ayifuneki khohlwa ngokubuyela esibelethweni

Nekhodima phuma ebum’nyameni

Inzalo kaMoya ingena ngokukholwa enhlizweni

Kanjalo siba ngabantwana etempelini.

Sibiza uBaba munye osezuwini!

Baba wethu osezulwini.

Previous
Previous

Ukukhanya okukhulu/The great light

Next
Next

Useduze njalo-lapha njalo