Zijwayeze ukumfuza uNkulunkulu
1 Thimothewu 4:7 “Kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ‘ekumfuzeni’ uNkulunkulu”
Ufuzo lukabili. Kukhohona ukufana nomuntu ngokwesiqu sangaphandle. Njengokuthi, kuthiwe umazibani unekhala likayise. Bese kuba khona ufuzo lokufana nomuntu ngezenzo. Njengokuthi kuthiwe, ‘ngisho umoya wakhe, noma iconsi lakhe, ufuze uyise’. Ilokhu kwesibili uMpostoli Pawula akugqugqumezelayo kuThimothewe, ukuba azijwayeze ukufana noNkulunkulu ngokwenza.
Lezindlela zofuzo azifani. Ufuzo lwangaphandle, yinto umuntu azalwa nayo ngaohandle kokuthi abe nendima ayidlalayo. Kanti lendlela yofuzo yesibili yona, kuyake kudinge ukuthi umuntu abukele isikhathi eside kulowo asuke emfuzile, aze naye agcine esenza njengaye.
Ngiyakhumbula nje nami ngisakhula; ngangithanda ukuba seduze kukaBaba omdala ma esebenza. Wayethi uma esebenza akhiphe ulimi kancane, engathi uyakloloda, kanti cha, kwakuwumkhutshana nje wakhe. Ngagcine nami sekungijwayela ukwenza njalo uma ngisebenza. Uyaye angihleke umasihlekisane wami uma engibona ngisebenza ngize ngikhiphe ulimi, kanti akazi yena ukuthi ufuzo lokwejwayela.
Kunjaloke nokukhula ekukholweni iNkosi uJesu. Noma sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, okumele ngabe sizalwa simfuzile. Kodwa ngenxa yesono (ukuba umhlambi kazalusile kusukela ekuzalweni), asimfuzi uNkulunkulu, kunalokho siyamphika. Kwale ngisho sesilazi iVangeli likaNkulunkulu, kuJesu Kristu lokuhlengwa nomusa ekuzaluseni, nokufa kwamanje nanphakade okungumphumela, uma singazijwayezi ukubuka uNkulunkulu nokwenza kwakhe kuJesu Kristu, sigcina sijwayela ukwenza kwezwe, nesono nosathane (okuwukucima uMoya kaNkulunkulu okumele abuse ngaphakathi kithi - 1 Thesalonika 5:19).
Yingakhoke uMpostoli Pawula eyala uThimothewe ukuba azijwayeze ukumfuza uNkulunkulu. Uma sibheka indlela aqala ngayo lesisiyalo, siyathola ukuthi kwakuzobukeka kanjani ukuba uThimothewu afuze uNkululunkulu.
UMpostoli Pawula uqala ngelokuthi; yala izinto ezingenamthelela ekumazini nasekumfuzeni uNkulunkulu. Okubalelwa kuzo izinganekwane, oluyizinto eziyimpica badala zokuhlampekisa nokungathekisa ngezinto ezikhona. Lezizinto azifani neVangeli likaNkulunkulu elingelona lokuhlampekisa, kodwa elisisambulo sikaNkululunkulu abona ngobuhlakani bakhe ukuba siphelele ukuba thina ngaso simazi, sisindiswe, siguqulwe, sikhule simfuze ngokwenza.
Kuningi okuphazamisa mina nawe ukuba sikhule ekumfuzeni uNkulunkulu. Mhlampe ngeke salibala izinganekwane, kodwa kuningi nathi esikhathini esiphila kuso okungaba zithikamezo sigcine sesiba ngamakholwa azacile emoyeni, nangasizi ngalutho kulokhu uNkulunkulu aphezu kwakho, ukusindisa abantu bonke (4:10).
Kwezihamba phambili izithikamezo kungabalelwa kuzo uthando lwemali. Ziningi izidingo zomuntu ophilayo ezidinga imali. Lokhu kwenza kube nzima kokunye ukwehlukanisa phakathi kokusebenza ngoba uNkulunkulu esiphe umsebenzi ukunakekela izidingo, noma ukusebenza ngoba sifuna ukwakha izidingo ezithile okuzomele futhu sizinakekele ngemali. Ngakho umuntu kumele azihlolisise emsebenzini abizelwe kuwo; yingabe sisasebenzela uNkulunkulu ngokuqhuba iVangeli ngenkambo emfuzile noma sifuze izwe elithanda imali, liholwe yiyo lingaboni nalapho isisenza sinyathele eminye imifanekiso kaNkulunkulu. Abaningi bangathi zintandane emoyeni, ngoba noma bekholwa, kodwa bafuze izwe ngokuthanda imali.
Esinye esikhulu isithikamezo, ilesi sezinkundla zokuxhkumana eziyizinkulungwane. Luningi ulwazi olwkhayo, nokuye okuhle esikuthola ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa, ngiyasola ukuthi uma kungase zihlolwe ukuthi kungakanani esikufundayo kulezinkundla, nokusizayo? Kungatholakala ukuthi okuningi esikubukayo sisuke sizonda isikhathi esinaso (kill time). Okungasisizi ukuba sikhule ekumazini nasekumfuzeni uNkulunkulu.
Umuntu ngamunye okholwayo unenselelo ukuzibheka njengoThimothewu ukuthi akachithi isikhathi sakhe esingenakubuya ezintweni ezingamusizi ukuba abe yilokhu uNkulunkulu, ngomusa wakhe amenze waba yikho. Ukukholwa iNkosi uJesu, isibusiso nesiphiwo esivela kuNkulunkulu. Engathi singasiphatha kahle sisihloniphe ngokugada ukuphila kwethu ukuba singadembeseli, kodwa sisebenze ekumfuzeni uNkulunkulu nogkubukela kuye eZwini lakhe ngaso sonke isikhathi esisitholayo. “Ngokuba ukuzijwayeza ukumfuza uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo” (4:8)