Amanothi Asuka Kwisimenywa Semishado

Kulamaholide adlule ngihlonishwe ngethuba lokumenywa emishadweni emibili yabazalwane abangabangani. Mihle imishado, ubona uthando oluningi, intokozo nenjabulo, ukujuxuza nokudansa, ukudla, ukuhlanganyela, abangani nemindeni behlangene ukuzobungaza uthando labathandiweyo babo. Konke kuyisimanga esihle! Kepha lokho akusiyo into engiyithanda kakhulu ngemishado.

Ingxenye engihlaba umxhwele ngemishado yizifungo, izethembiso, lokhu kokuthi ngizochitha yonke imihla yami nawe, ukuthi nje usuku lomshado luyisiqalo somushado. Ngiyabahlonipha abantu ababili bebiza izihlobo nabangani abaseduze nabo, bebacela ukuba bazobungaza babe ngofakazi lapho bezibophezela omunye komunye, bethembisana ukukhohlwa ngabo bonke abanye bazibophezele ngenhliziyo yabo yonke omunye komunye. Kuyamangalisa!

Uma abantu ababili abayizoni bengenza lesinqumo sokuzibophezela komunye nomunye, bathi ekuhluphekeni nasekubuseni, ekuguleni nasekuphileni bayothandana baze bahlukaniswe ngukufa. Umshado usho ukuthi niba munye, imithwalo yami ngeyakho neyakho ingeyami. Umshado usho ukuthi ngizokunakekela njengokuba nami ngizinakekela. Lokhu kungenza ngizibuze ukuthi uma abantu abayizoni bekwazi ukwenza izithembiso ezinjena, futhi bame kuzo, kakhulu kangakanani inkosi uJesu Khristu ngezithembiso azenze kithi! Ngakho-ke lezithembiso ezenziwa yilabantu zingibuyisela emuva (ngokufanele) kuJesu ongumyeni webandla.

Buka lokhu: UKhristu ungcwele, akanasici. Singabantu besono abangalungile – kepha usithembisile wafunga. Uzibophezele kithi ngesivumelwano. Kulesi sivumelwano, usihlengile ngokufa ukufa okwakufanele thina. Uthwale ulaka lukababa. Kepha akahlalanga efile – wavuka. Ngakho ngokuvuka kwakhe, nathi siyokuvuka. UJesu usinikeza ubungcwele bakhe athathe isono sethu. Uthatha indawo yethu ebese esinika ukuphila okuphakade kanye naye. Ongcwele uthatha abantu abayizoni abenze babe ngabakhe. Lesi yisimanga! Imishado yasemhlabeni iyakhetha – ikhetha oyedwa phakathi kwabaningi. Kepha uKristu ukhipha isimemo esivulelekile kubo bonke ukuze bezoba yingxenye yebandla. Ngelinye ilanga, mhla esebuya, ibandla liyobungaza umyeni. Uma sikhetha ukumlandela, nathi kumele sidele izindlela zethu ezindala sibe munye kanye naye.

Manje uJesu ukwesokunene sikaNkulunkulu, ngelinye ilanga umyeni uzobuya ukuzolanda umakoti wakhe (thina, singumakoti wakhe) kuyoba khona umshado ongakaze wabonakala.

Njengokuba incwadi yesambulo 19:7-9 iveza: “Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele;  wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele. Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.”

Ngakho yebo, ngale kokungabaza imishado yasemhlabeni mihle, futhi kulemishado kwakukhona isikhathi lapho kwakungathi ngingakhala. Ukuthandana kwabashadayo kwakubonakala ngokuthi bazibophezele. Kepha bayisithunzi, uphawu olukhomba uthando olukhulu nokuzibophezela komyeni wethu uJesu Khristu. Kwangathi konke ukubungaza kwethu uthando  nokuzibophezela kwabathandiweyo bethu kungakhomba kuye.



Previous
Previous

UJesu: UNkulunkulu enyameni

Next
Next

Romans Reflection