Intombazanyana yakwaShembe ekukhanyeni kukaKristu.
Umthetho engawugcina, inkosi engahlangana nayo kanye nokukhanya okwadalula konke.
Uma ngingakhumbula nje, umhlaba wawupendwe ngombala owodwa weqiniso – iqiniso elalimile, lingenakubuzwa mibuzo wena owabona ilanga liphuma: UShembe unguNkulunkulu. Engengomfaniso, uphawu, into engabuzisi mibuzo futhi engenakuzanyazanyiswa.
Ngakhulela ekhaya elalikholelwa ngokugxilile kuShembe nenkolo yakhe. Sasingayijwayele kodwa sasiyiphila. Ngangimesaba, ngimuhlonipha, impilo yami yayakhelwe emthethweni ayeyinikezile… noma leyo eyayidluliselwe kimi ngumama wami naye eyithathe komama ababephambi kwakhe. Kwakuyiketango elalidluliselwa kwizizukulwane njengefa, isizukulwane sithathe ngale kokubuza imibuzo.
Sasihlangana njalo ngoMgqibelo/isabatha. Yonke imithetho yayigcinwa. Njalo mhla zingu-7 ngenyanga kaNtulikazi, kwakuheleza umoya omnandi kumantombazanyana, ngisho nami uqobo. Sasihamba nezinduku esizikhile endaweni yaseNanda, sihambe kanye kanye siye entabeni engcwele “Ebuhleni”. Kwakuyinyanga yokuzimisela ngokukhonza, ukugcina umthetho kanye nokukhumbula ukuthi ungubani. Ukumbona nje uShembe kwakungishayisa ngovalo, ngangizimisele ngenhliziyo ngisho ngomzimba, nangokwesaba.
Kepha ngaphansi kwakho konke lokho kuzimisela nokukhonza, kwakukhona umsele.
Umama wami wayeyisangoma enobizo, ethwasile futhi wazinikela kwabaphansi. Ngenxa yokuthi abaphansi babengahambisani noShembe, wanqatshelwa ukuba angene ethempelini. Ukudideka kwami-ke kwaqala kulokho kungavumelani. Uma kungukuthi ngempela uShembe usisondeza eduze kwamadlozi ethu, kungani amadlozi akhe ayemhlehlisa ethempelini? Izinto zamane zangahlangana nje, kepha ngaqhubeka ngathembeka, ngihlonipha futhi ngigcina nomthetho.
Emva kokuqeda umatikuletsheni, inkululeko yaletha imibuzo. Imibuzo ejulile. Imibuzo eyayikhala sengathi kusendlini engenalutho ngokuba wayengekho umuntu owayengayiphendula. Ngayigcina imthetho, kepha kwakukhona okwakushoda phakathi kwami. Ngakhonza ngokuzimisela kepha ngibona sengathi angaziwa, nganginendawo yokuhlanganyela yangaphandle, kepha ngaphakathi ngangizizwa ngingenandawo, ngikuyo lenkolo.
Inhlansi yokuqala yokukhanya
Kwashintsha yonke into mhlazane ngivakashela isonto lomngani wami. Kwakuyinyanga kaMasingana kowezi-2017- isigcino nesiqalo. Inkonzo yokuqala? Akukho nokukodwa engakuzwa kokwakushunyayelwa. Kepha ngazizwa ngibonwa. Inkonzo yesibili? Kukhona owakhumbula igama lami wanganga. Ngabe sengifuna leyo mfudumalo, lokwamukeleka, loluthando. Ngingakalizwa nevangeli ngase ngifuna labantu. Ngaphambi kokuba ngihlangane noKhristu ngahlangana nomphakathi (abazalwane). Ukubonwa, ukwaziwa, ukuthandwa! Konke lokhu kwavusa okuthile kimi.
Emva kwezinyanga ezintathu ngabhabhadiswa, emva konyaka ngabe sengiyaqala ukuzifundela ibhayibheli ngokwami. Yiso leso sikhathi lapho izinto zagxila khona. Kwezwakala njengelanga lapho umuntu efaka khona izibuko emva kokungaboni kahle isikhathi eside. Umhlaba uyacija, imibala igqame kubounakale nasekugcineni. Ebese uyabona ukuthi “aybo bengingaboni!” Izwi lenkosi laba yincwadi kadokotela, kwathi ukukhanya kuvela ngahlaselwa yimizwa kwanyuka nokuzinikela nokuvuma.
Okokuqala ukuthi bengikhonza umuntu, okwesibili ukuthi bengihlezi kude noKhristu.
Umthetho engangiwuthanda, umthetho engingawusebenzisanga kahle.
Kepha ukuzimisela kwami ngokukhonza akunyamalalanga – kwathatha enye indlela kwama ngenye indlela.
Ngifundiswe nguShembe ukugcina umthetho, inkonzo nayo ngangena kuyo njengomFarisi, ngicabanga ukuthi ubungcwele yinto engabuzwa kimi. Ngangicabanga ukuthi ukushisekela kwami kusho ukulunga kwami. Ngangiwabhekisisa amaphutha abanye, kepha ngingawaboni awami. Amaphupho ami abhebhethekisa impakamo yami, nginemibono engangibona ukuthi ivela enkosini uNkulunkulu webhayibheli. Kwakuyimibono eyayingizuzisa amandla. Kwangithusa ukubona ukuthi ngenye indlela ngase ngifana nomama oyisangoma ngandlela thize, eyakhe imibono yayivela kumadlozi, kepha eyami, ngokucabanga kwami, yayivela…uyabona nje, ngakho-ke ukucabanga kwami ngathi sobabili, sasinempakamo eyayifana nezimbali ekhanda lethu nomlengalenga emqaleni wethu.
Umthetho wase uzigqokise ingubo yobu”khristu”. Kwakumele ufe.
Ukukhanya okudalulayo.
Ngebhayibheli, umkhuleko kanye nokubekezela nothando lebandla lami, ngabe sengizibona mina kahle. Jeremiya 17:9 “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi”. Sangilingana khaxa leso sicathulo ngaba ngu Sinderela ngibaleka ebusuku ngicabanga ukuthi iqiniso elisenhlizweni yami lizodaluleka.
Kepha uNkulunkulu akamlahleli phandle onhliziyo iphukile, Kepha akathokozi ngempakamo. Incwadi NgokukaMarku 7:21-23 iveza umsuka wenkinga, kungesilo ingaphandle eliyimi, kepha ingaphakathi; inhliziyo yami nesono sami kanye nobumnyama bami.
Inhliziyo ehlanzekileyo okukuphela kwayo.
Kepha ukukhanya okudalulayo kuphela kukushiya udabukile. Ukukhanya okuholela kuKhristu Kuletha ukukhanya.
Ngenkathi ngiqhubeka nokufunda ibhayibheli, ngabona inhlasana yethemba: UJesu kuphela onenhliziyo emsulwa. UJesu kuphela ongadingi umsindisi. UJesu kuphela osindisayo. Ngokuphazima kweso, unkulunkulu uShembe engangimkhonza wabukeka emncane, entekenteke, edinga, engakwazi ukuzisindisa yena, ngisho ukusindisa lokhu. Ukunyukela kulokho kukhanya kwaba yisinqumo esikhululayo engake ngasenza empilweni yami.
Ukwesaba okwalandela.
Angeke ngenze sengathi ushintsho lwaba lula. Mhlazane ngiphuma kwaShembe, kweza izexwayiso ziza njengom’bani nokuduma phezu kwekhanda lami. Ngatshelwa ukuthi amadlozi ami azongifulathela amelane nami, ukuthi ukugula kuzongilandela lapho ngingakhona, ukuthi iminyango iyovaleka phambi kwamehlo ami, ukuthi angisoze ngaba yilutho empilweni. Omunye wathi ngikhethe indlela eya ekufeni, ngazingenela ebumnyameni ngibhekile.
Ngakuzwa lokho, ukwesaba akuzange kunyenyeza kepha kwahlokoma, kwazibopha ezimbanjweni zami njengezandla ezibandayo. Ubusuku babuyimpi. Umsinjwana nje endlini kwakuba ngukwethuka nokwesaba. Okwakungibuyisela emuva kwakuba sengathi yisiqalekiso. Ingxenye yenhliziyo yami yayibhabha njengeqabunga esihlahleni. Ngingenasiqiniseko ngezwi okwakumele ngililalele – elokwesaba elisemvakwami noma lowo owayengibizela phambili.
Kepha uNkulunkulu akangishayanga ebumnyameni. Ubukhona bakhe kwaba yisandla esinesineke ngemva kwami, ukunyenyeza obumnene kwinxushunxushu, imfudumalo eyagqashula ukwesaba njengokufika kokusa. Wangibamba ngesineke, eqhubekela ngothando kwaze kwaba iqiniso liyagxila emathanjeni ami. Kancane incwadi KwabaseFilipi 1:21 ayibanga nje elinye lamavesi engiwafundayo, kepha iqiniso engalihogela: “Ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo”. Kulowo mzuzu, ukwesaba kwemuka, angibange ngisabanjwa ukwesaba kwengemuva, kepha izethembiso zikaNkulunkulu ophilayo.
Uma impilo yami yayikwisikhathi mboleko, ngafuna ukuyichitha emsebenzini walowo owayinika.
Impilo ayinika.
Ngisenawo amaphupho amakhulu – umuzi omukhulu, imoto enhle kanye nehhashi. Lezo zifiso azikho zimbi. Kepha azanelisis ngendlela uKristu anelisa ngayo. Angeke kube sengiphila impilo engaphelele uma ngingazamukeliswanga. Ngokuba uyini umuzi uma uqhathanisa nenguna phakade? Liyini ihhashi uma uqhathanisa nobukhona bukaNkulunkulu U-Stuss wakubeka kancono, (ngokuhunyushwa)“Yinye impilo iyakudlula, okwenzelwe uKhristu yikho okuyoma”. Lelo qiniso langiholela emsebenzini wenkosi – ngokuba uma ngizosebenzisa lempilo eyodwa, ngifuna ukuyisebenzisa kahle.
Ukukhanya nempilo.
Ayikho impilo ephelele, eqinisekileyo nekhululeke njengempilo ephilelwe umsebenzi wenkosi. Kungesiyo inkosi eyenziwe ngabantu, kungesiyo inkosi eyenziwe yisiko noma imikhuba yabantu. Kepha inkosi engukukhanya – eyambula isono, izambule yona, isenze sibe basha.
Indaba yami ilula:
Ngagcina umthetho. Ngase ngihlangana nenkosi.
Ukukhanya kwayo kwadalula konke – ukuze ezohlenga konke.
Ayikho impilo edlula lena.