Lapho isono sizama ukuchaza kabusha uNkulunkulu

NgoJanuwari kulo nyaka saba nokuqeqeshwa kweSimeon Trust, lapho safunda khona amathuluzi okuphatha kahle iBhayibheli nokuthi singaliphatha kanjani ngokwethembeka iZwi likaNkulunkulu njengabasebenzi benkonzo. Saxoxa nangendlela abantu abavamise ngayo ukwengeza noma ukususa eZwini likaNkulunkulu, kanye nezingozi ezihambisana nalokho.

Ngesinye isikhathi phakathi kwalokho kuqeqeshwa, sacelwa ukuba sixoxe ngababili. Omunye engangixoxa naye washo into eyangithinta kakhulu ngoba ngabona ukuthi nganginecala kuyo. Wathi sivame ukuthambekela ekunciphiseni amandla eZwi likaNkulunkulu lapho sikhuluma nomuntu esinolwazi ngezono zakhe noma nge sono sakhe. Lokhu kuthamba, sikwenza ngoba singafuni ukuvela njengabantu abahlulelayo noma ukubonakala sengathi siyamhlasela lowo muntu. Kodwa ngokwenza njalo, sigcina sesithambisa lokho uNkulunkulu akushilo ngokusobala ezwini lakhe. Umlayezo wevangeli awusiwo owethu ukuba siwuguqule.

Incwadi yabaseGalathiya 1:10 ithi: “Ngabe manje ngifuna ukujabulisa abantu noma uNkulunkulu? Noma ngabe ngizama ukuthokozisa abantu?” Leli qiniso lahlala engqondweni yami isikhathi esithile, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngalilibala kwaze kwaba muva nje.

Kwesinye sezikhungo zemfundo lapho sisebenza khona njenge-The Bible Talks (TBT), saqala isifundo esisha seBhayibheli. Esifundweni sethu sokuqala sachitha isikhathi sazisana. Omunye wabesifazane wasixoxela udaba olubuhlungu nolwamushiya ehlukumezekile empilweni yakhe. Wachaza ukuthi ngenxa yalokho kuhlukumezeka, manje usezithola enemizwa yothando yobobulili obufanayo.

Ngesikhathi ekhuluma, ngaqala ukucabanga ngesahluko esasizosifunda maduze encwadini yabaseRoma. Ngaqala ukuzibuza ukuthi uzozizwa kanjani, nokuthi kufanele ngiziphathe kanjani lapho sifika ezindimeni ezifana nabaseRoma 1:18–32, ezikhuluma ngokusobala ngolaka lukaNkulunkulu phezu kokuziphatha okubi ngokocansi, ukuphendukezela izinto ezidalwe nguNkulunkulu, kanye nokwenqatshwa kukaNkulunkulu ngabantu. Ngangingafuni acabange ukuthi lesi sifundo seBhayibheli sasihlelwe ngenhloso yokumkhomba yena noma isono sakhe.

Kodwa njengoba isifundo siqhubeka emasontweni alandelayo, iZwi likaNkulunkulu lenza lokho elihlale likwenza: lakhuluma ngokwethembeka nangokucacile kithi sonke. AbaseRoma 1 abagxili eqenjini elilodwa kuphela; baveza isimo senhliziyo yomuntu wonke ngaphandle kukaNkulunkulu.

Kamuva, ngesikhathi ngicabanga kabanzi ngalesi siqephu, ngaphinde ngathintwa ngamazwi evame ukusetshenziswa kakhulu emphakathini wanamuhla athi: “UNkulunkulu wangenza ngaba kanje.” Ngaqala ukucabangisisa ngokuthi lokhu kusho ukuthini ngempela. Uma uNkulunkulu enguye odala izifiso eziyisono, lokho kungasho ukuthi ungumsunguli wokuvukela ubungcwele Bakhe uqobo?. Kodwa imiBhalo icacile ukuthi uNkulunkulu akayena umthombo wesono noma wokudideka. “UNkulunkulu angeke alingwe ngokubi, futhi akalingi muntu.” (Jakobe 1:13). Futhi uthi: “Mina Jehova angiguquki.” (Malaki 3:6).

Uhlelo lukaNkulunkulu endalweni nalo lucacile: “UNkulunkulu wadala umuntu ngomfanekiso wakhe... owesilisa nowesifazane wabenza.” (Genesise 1:27). Isono siyakuphendukezela lokho uNkulunkulu akudalile; asiveli Kuye. Sivela ekuphukeni kwezwe eliwile nasezinhliziyweni zabantu eziwile. AbaseRoma 1:25 bachaza lesi simo bathi: “Bashintsha iqiniso likaNkulunkulu balenza amanga, bakhonza futhi bakhulekela kokudaliweyo kunoMdali.”

Okucacayo ukuthi isono asigcini nje ngokwephula imiyalo kaNkulunkulu; siphinde sizame ukumchaza kabusha uNkulunkulu uqobo. Sizama ukumenza umthombo walokho empeleni aphikisana nakho. AbaseRoma 1:32 bayaqhubeka bathi: “Nakuba besazi izimiso ezilungileyo sikaNkulunkulu... zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.”

Lokhu kuyethusa futhi kusixwayise. Kusikhombisa ukuthi abantu bangacindezela iqiniso likaNkulunkulu kuze kufike lapho isono singagcini nje ngokwenziwa, kodwa sesivunyelwa, sigujwe, futhi sibekwe kuNkulunkulu njengokungathi sivela Kuye.

Yingakho inkulumo ethi “UNkulunkulu wangenza ngaba kanje” ingenakuma ngaphansi kwegunya lemiBhalo yeBhayibheli. Isusa inselelo efanele kithi futhi imele kabi ubungcwele nesimilo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena umthombo wesono. Nguye obiza izoni ukuba ziphenduke futhi abanike ukuphila okusha kuKristu. Futhi kulapho ithemba levangeli lilele khona. UNkulunkulu akasiqinisekisi esonweni sethu; uyasihlenga kuso.


Next
Next

Intombazanyana yakwaShembe ekukhanyeni kukaKristu.