Kungabe ubumnyama buyaphumelela?

Muva nje ngike ngahlangana nalamagama eculo:

(Ngokuhunyushwa) “Sonke sisempini, 

siphakamise izibani zethu sijaha izilwane, 

sisesonweni ngisho ngomoya wethu wokugcina, 

sizama ukumisa ukuvela kwelanga, sigijimisana nezithunzi, 

ubumnyama buyaphumelela njalo.

Bekunamagama ahambisanayo ngokuphimisa (uma ufunda ngolimi lwesingisi), lawo magama akhuluma ngabalwayo nabakhanyisayo. Kukhona into ewenze ahlala kimi. Ngaphambi kokuba ngize kuKristu ayezwakala eliqiniso elingahlalisani kahle. Ngisho namanje, kulabo abangabalandeli bakaJesu sinokuzwa isisindo sobumnyama esisizungezile. Cabanga izindaba zomhlaba, izindaba eziseduze nawe, abantu nezinto ezenzeka eduze kwakho, isimo ibandla lakho elikuso ngokubhekene nabazalwane. Noma nje ubheke lokho wena obhekene nakho, izingqinamba zakho uqobo nolwisana nakho ubhekene nesono – ubumnyama esibuzwa ngaphakathi.

Kwesinye isikhathi kubonakala sengathi impela ubumnyama buyaphumelela njalo.

Lamagama kwenzeka ukuthi ngangiwalalele ngihleli nabantwana bami endlini. Intombazane yawezwa lamazwi, yangachitha isikhathi yazwakala isithi: “Cha! Akuphumeleli!” emlonyeni yabantwanyana!

Washo ngqo lokhu esidinga ukukukhumbula. Ubumnyama obusizungezile nobungaphakathi kungezwakala kusengama, kubonakale kuphumelela. Kepha akuphumeleli.

Lokhu yikho uJohane afuna ukuba sikubone njengoba ekhuluma ngoJesu:

1Ekuqaleni wayekhona uLizwi,

 uLizwi wayekuNkulunkulu, 

uLizwi wayenguNkulunkulu.

 2 Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. 

3 Konke kwavela ngaye; 

ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. 

4 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu

5 ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.” (NgokukaJohane 1:1-5).

Nasi isizathu sokuba abazalwane bahlanganyele njalo ngesonto. Nasi isizathu sokuba abantu bakaNkulunkulu baqhubeke ngethemba. Yize noma ubumnyama busizungezile, kuphinde kubonakale sengathi kungaphakathi kithi – iqiniso elikhulu lingukuthi ukukhanya kukaNkulunkulu bukhanya ngendodana yakhe. Ubumnyama abunakwehlula.

Ngakho-ke Sinethemba.

Ubumnyama balesikhathi ezweni lethu nokukithi kwenza kube nzima. UJesu uphinde asho kwenye indawo (NgokukaJohane 3:19-21) ukuthi ukukhanya kufikile. Kepha abantu bakhetha ubumnyama ngokuba kufihla lokhu abangafuni kuvele obala. Umhlaba esiphila kuwo lona: sibalekela ubumnyama ngapha, siphinde sibalekele ebumnyameni. Ukukhanya kuyinsindiso. Kepha futhi ukukhanya kuyaba ngukwahlulela njengokuba kwambula okuningi.

UJesu uthi ungukukhanya kwezwe (NgokukaJohane 8:12; 9:5). Ngakho-ke unikeza ukusindiswa kanye nokwahlulela okuza ngokuthi sibalekela kuye noma siyamubalekela. Ubumnyama akunalo izwi lokugcina. Futhi uyaqhubeka nokwenza abantu bakhe ukuthi bakhule ekuhambeni ekukhanyeni.

Ubumnyama abuhlezi buphumelela.

Akuzange kuphumelele ekudalweni.

Akuzange kuphumelele esiphambanweni.

Futhi angeke buphumelele ezweni elisha.


Ngenxa yokuthi ukukhanya kufikile – akuzange kusibekelwe ngubumnyama.


Previous
Previous

Ubuholi obulungile: NgokukaJohane 10:1-21.

Next
Next

God in Times of Crisis