Ubuholi obulungile: NgokukaJohane 10:1-21.

Ubuholi obulungile, kusetshenziswa isifaniso somalusi olungile 10:1-21.

Siphila ezweni elibubulayo libubulela ubuholi obulungile kuzo zonke izindawo, ikakhulukazi kubuholi bukahulumeni. Abantu abaningi baphoxekile ngenxa yabaholi babo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, kusukela kowasemakhaya, kuye kowesifundazwe, kuze kuyofika kokazwelonke. Abantu bafuna ubuholi obunenhliziyo yokunakekela, abaholi abakhathalele okulungele abantu babo, kungabi yilabo abakhathalele amabhange abo, abondla imindeni yabo nabangani babo, kepha abaholi abanakekela abantu, abafuna ukwenza ncono inhlalakahle yabo.

Lapha esifunda khona, uJesu ubhekana nabaholi abonakele bakwa-Israyeli, abaholi bezenkolo ubachaza ngalendlela: Bangabelusi bamanga, yena ungumalusi olungile ovela kuNkulunkulu. Uzosikhombisa ukuthi ukuhola kokuzinikela kubukeka kanjani lapha esifunda khona.

Kwivesi 1- 6 uJesu ukhuza abaholi bezenkolo esebenzisa isifaniso. Baqeda kukhipha umuntu esinagogeni owayengaboni, uJesu useyamuphilisa ngommangaliso, labaholi ubafanisa nabaphangi abangangeni esibayeni sezimvu ngomnyango, kepha abakhwela bajombe isango.

UJesu usebenzisa isithombe sethestamente elidala somalusi kwincwadi ka-Hezekeli 34:34:1-3, engukulaya abaholi bamanga ababengabelusi babantu bakaNkulunkulu. Abakwazanga ukunakekela, ukondla nokuvikela abantu, baze babanquma, imiphumela yalokho kwaba ukuhlaselwa kwesizwe.

UNkulunkulu wenza izethembiso ezimbili. Esokuqala, yena uqobo lwakhe uzoza azoba ngumalusi wezimvu zakhe. Uzakuzihlenga aziqoqele ndawonye, futhi uzoletha ukwahlulelwa kubelusi bamanga, nakwizimvu uma kudingeka.

Isethembiso sesibili ngukuthi uzakubeka umalusi omusha (UHezekeli 34:23-24). UNkulunkulu ungumalusi ka-Israyeli, kanjalo nasencwadini yamahubo 23, 80:1 no-Izaya 40:11. Abantu uJesu ayekhuluma nabo babesazi lesi sithombe somalusi, kungakho uJesu ekhuluma emelana nabafundisi bomthetho baka-Israyeli abangawenzanga umsebenzi wabo wokwelusa.

Kwivesi 1-5, uJesu uziqhathanisa yena nabelusi bamanga ayehlangane nabo bephatha kabi lo owayengaboni, owaphiliswa nguJesu. Abangeni esibayeni ngesango njengokuba yena enza, futhi siyazi ukuthi uma umuntu engangeni ngesango, loyo ungumphangi, isigebengu uqobo lwaso, ngokuba yilabo abenza lokho uma befuna ukungena.

UJesu uyisango lezimvu zakwa-Israyeli, abaholi bezenkolo bakwa-Israyeli bamenqaba badlula ngale kwakhe., lokho kubenza izigebengu nabahlofayo, yingakho esebenzisa lesi sifaniso ukubakhuza.

Ivesi 3 “Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle

Ngenkathi ngikhula, kwakuthi ngesikhathi samaholide sivakashele ugogo wami owayefuye izimvu nezimbuzi. Ngangizilusa ngizikhiphe esibayeni ngiziyise emadlelweni ukuba ziye kodla, ngangiphinde ngiziyise emfuleni ukuba ziyophuza amanzi, ngiphinde ngizilande ntambama ngizibuyisele esibayeni. Indlela esizalusa ngazo: Sasihamba emva kwazo siziqhuba ngezinduku ukuze zizohamba emgqeni futhi sasifuna nokubhula izinyoka.

E-Middle East, ngisho nanamhlanje, indlela ekweluswa ngayo yahlukile, umalusi uhamba phambi kwezimvu noma imfuyo, ebese ilandela izwi lakhe. Kumele babe sebudlelwaneni nasekuqondeni phakathi kwezimvu nomalusi ukuze lokhu kuzokwenzeka. UJesu uzifanisa nomalusi ohamba phambili bese izimvu ziyamlandela, ziyalizwa izwi lakhe ngoba zinobudlelwane naye njengomalusi.

Izimvu kumele zikwazi ukwehlukanisa phakathi kwamalusi ongene ngesango noweqe ubonda. Futhi kumele zikwazi ukuhlukanisa izwi lomelusi wazo nowomuntu ezingamazi. Lesi yisifundo sethu namuhla, ukuthi kumele sikwazi ukwahlukanisa phakathi kwezwi lomalusi kaNkulunkulu, okungaba ngumholi ophakathi ebandleni lapho kuhlanganyela khona abantu bakaNkulunkulu, ngokuba naye lowo mholi ulalela izwi likaNkulunkulu, eliyibhayibheli, kanti ongamazi umalusi uma emelene nezwi likaNkulunkulu.

Njengomzalwane, kumele ukwazi ukuhlukanisa phakathi kwalaba bobabili. Abantu bakaNkulunkulu esikhathini esedlule nasesikhathini samanje sebeke bahlangana nomelusi omuhle nomelusi ongelungile olimaza izimvu njengokuba bengabelusi bamanga.

10:11 uJesu uthi: "Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu”.

UJesu uzichaza njengomalusi omuhle, ongafani nalaba abanye. Kungabe ungumalusi olungile kanjani? Ukuphendula lokhu ngokuthi umalusi omuhle ubeka phansi noma udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Uthando lukaNkulunkulu lwezimvu zakhe lamuholela esiphambanweni lapho anikela khona ngempilo yakhe mhla ezifela. Ukulungela kwakhe ukufa ngenxa yomhlambi wakhe yikho okumenza ahluke.

Ekuzinikeleni uqobo lwakhe ngenxa yezimvu, uJesu uveza ubuholi obuliqiniso nobulindelekile. Okubuhlungu ngukuthi namuhla abaholi bafuna udumo lwabo, abazelanga ukuzokhonza abazalwane ngokuzinikela, ababathandi labo ababaholayo. Bayabasebenzisa ukufezekisa izinhloso zabo. Ubuholi obuqashiwe  babafokazana, ubungasiye umalusi. Lapha asikhulumi ngesonto kuphela noma ubuholi besonto, ngisho kwezepolitiki, emafemini, emabhizinisini, ngisho nasemphakathini bayadingeka abaholi abalungile.


Previous
Previous

There is One Who Carries Me Home 

Next
Next

Kungabe ubumnyama buyaphumelela?