Thokoza Wesabe uNkulunkulu Ebusheni Bakho
UmShumayeli 11:9
Uma ufunda uMshumayeli 11:9 kuba sengathi uNkulunkulu ufana nogogo wami owayebeka i-castor oil uma kuqala amaholidi ukuze sithi sidla izibiliboco sibe sikhumbula ukuthi sisazokhala. Ivesi lithi: “Thokoza nsizwa ebusheni bakho … landela izindlela zenhliziyo yakho nokubonwa kwamehlo akho, kodwa wazi ukuthi ngakho konke uNkulunkulu uzakuyisa ekwahlulelweni.” Kubonakala sengathi injabulo ivunyelwe bese icinywa ngokushesha. Kodwa uma sibheka kahle incwadi kaMshumayeli yonke, sibona ukuthi umlayezo awunjalo.
Okokuqala, leli vesi liqala ngomyalelo ocacile: thokoza. UMshumayeli uphindaphinda kaningi ukuthi ukujabula ngokuphila, ukudla, ukuphuza, ukusebenza, nokubona okuhle emiphumeleni yomsebenzi, kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Lokhu kubalulekile: uNkulunkulu akasiye isitha senjabulo kodwa uye opha ukujabula. Injabulo ayiveli ngaphandle kwakhe, ivela kuye, ngaye, inguye.
“Ubusha” lapha abukhulumi nje ngobudala kuphela, kodwa ngesigaba samandla, amathuba, izifiso, namaphupho. UMshumayeli 12 ukhumbuza ukuthi lelo zinga lamandla liyadlula. Impilo imfushane, iyashesha ukudlula njengomoya (yize leze). Ngakho umlayezo uthi: ungazincishi injabulo ngesikhathi usenamandla yamukela ukuphila njengesipho.
Lapho ivesi lithi landela inhliziyo namehlo, alikhuthazi ukona. EBhayibhelini inhliziyo iyisikhungo sezifiso zomuntu, kanti amehlo akhuluma ngobuhle nezinto ezikhangayo empilweni. Umlayezo awusiwo wokuthi yenza noma yini embi oyifunayo (3:12) kodwa uthi ungaphili ngokwesaba ukujabula. Ukuba nezifiso, amaphupho, nokuthokoza ngokuzikhandla kwakho akusona isono. Ukuziphatha ngaphandle kokukhumbula uNkulunkulu okuyinkinga.
Ingxenye ethi “kepha wazi ukuthi uNkulunkulu uzakuyisa ekwahlulelweni” ayifakwanga ukucisha injabulo ifakwe ukuyiqondisa. Ifana nomyalo wezokuphepha ngesikhathi seCovid, kwakungekhona ukuvala ukuthokoza, kodwa ukuba abantu bathokoze ngasese ngaphandle kokudluliselana ngobhubhane. Umthetho wawuvikela. Ukwahlulelwa kusho ukuthi impilo ibalulekile, izenzo zibalulekile, nenjabulo ayiyona into engenamkhawulo.
UNkulunkulu uyayazisa injabulo yabantu bakhe, kodwa futhi uyazonda isono nokonakala okubhubhisa injabulo yangempela. Wahlulela hhayi ngoba ezonda abantu, kodwa ngoba uthanda impilo.
Kukhona iziphambeko ezimbili esivame ukuwela kuzo.
“Sidl’ ubusha bethu”: Injabulo engenamkhawulo
Umusho othi “sidl’ ubusha bethu” waduma kakhulu ngengoma yango-2005 ethi Sister Bettina. Lengoma yenza sengathi ukudla ubusha kusho ukuphila ngaphandle kwemingcele; okuhambisana nocansi olungenamthetho, uphuzo oludakayo, nokuba yisigqila semali nokuzijabulisa. Kuze kube namanje, abaningi, abasha nabangasebasha, bayayithakasela ngoba ithinta izifiso zemvelo zobusha. Abanye baze bayibize “ingoma yesizwe”.
Inkinga ayikho engomeni kuphela kodwa emcabangweni eyiyisa phambili: isithombe sokujabula ubusha ngaphandle kokucabanga ngomnikazi wesipho sobusha. Kuyinjabulo engenambuzo, engenamngcele, engenakuziphendulela.
Abaphila ngalendlela kungathi uMshumayeli 11:9 uphela phakathi, bathathe ingxenye ethi “landela inhliziyo namehlo” bashiye ethi “uNkulunkulu uzakuyisa ekwahlulelweni.” Kufana nesikhathi sabantwana bakwa-Israyeli lapho bengenamakhosi; nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe (Abahluleli 21:25).
Lokhu kuwukuthokoza okungabiyelwe okugcina sekuletha ihlazo nesililo.
Ukuzincisha ngokweqile: inkolo engenanjabulo
Iphutha lesibili elivamile liphambene nelokuqala: ukuzincisha ngokweqile ngenxa yenkolo. Lapha umuntu ucabanga ukuthi ukungazijabulisi kumenza abe ngongcono kunabanye abakholwayo. Izisho ezifana nalezi zivamile:
“Angiphuzi, angibhemi, angijoli, angijolisi, angihleki, ngisindisiwe.”
Akukho cala uma umuntu ezikhethela ukungazenzi lezozinto. Inkinga iqala lapho lokho sekwenziwa isilinganiso sokholo sengathi injabulo uqobo iyasolisa. Lokhu kudala isithombe sokuthi ukusondela kuNkulunkulu kusho ukungahleki nokungajabuli. Umsuka waleli phutha ukuthi kubukwa ingxenye yesibili yevesi kuphela — ukwahlulelwa kushiywe umyalo wokuthi thokoza.
Iqiniso eliphelele levesi
UMshumayeli 11:9 uphelele kuphela lapho zombili izingxenye zimi ndawonye: Thokoza, futhi wesabe uNkulunkulu. Jabula, futhi khumbula ukwahlulelwa. Ukwesaba uNkulunkulu akunciphisi injabulo kuyayiqondisa. Akuyicimi kuyayivikela. Kusisiza ukuthi injabulo yethu ingaphenduki umthombo wokuzisola kusasa. Ngakhoke zithokozise, uthokozise nabanye ngonakho. Kodwa ungavumeli injabulo ikubuse ngaphezu kokubuswa yiNkosi. Injabulo iyisipho esivela kuNkulunkulu siphathe ngesihle, ngokubonga nangokuhlakanipha.
Ungafani nesiwula encwadini kaLuka 12 esajabulela izipho, sakhohlwa uMnini wazo.