UJesu Umniki Mpilo
Ngake ngabona umbhalo ku-inthanethi, ingane eneminyaka emibili ubudala ithola ukuthi uhloyilo akalona iqiniso. Kwakubonakala emehlweni ukudumala kwabazali uma bechaza udaba lonke. Amazwibela ayethi "Sidabukile kakhulu uCharlie ekugcineni utholile ukuthi uhloyilo akalona iqiniso. Ukukhulisa umntwana kunzima futhi inganekwane yayilithemba lethu lokugcina umfanyana wethu ejabule kuze kube yilapho amehlo akhe evuleka ukuthi umhlaba unjani ngempela. Thumela imithandazo, kunzima”. Ukudabuka kwakungekona okokuthi u-Charlie uthole iqiniso, kodwa lokhu ababekuthembile sebekuphuciwe. Sizobona kumbhalo wethu ukuthi asikho Isidingo sokuthi abantu bakholelwe kwizinganekwane ngoba uNkulunkulu wathumela indodana yakhe uJesu Kristu ukuba asinikeze isipho esidlula zonke: Ukuphila okuphakade. Umbhalo wethu uzosibonisa ukuthi uJesu usinika ukuzalwa kabusha ekuphileni okuphakade ngoba uthunywe ubaba onothando ezweni elinesono futhi uJohane usibiza ukuba sikholwe kulo Jesu.
Kudingeka sibheke izinto ezimbili embhalweni wethu:
Ingxenye yokuqala (v1-15): Isidingo esijulile sabantu futhi, umehluko phakathi kukaJesu (ukucabanga okungokomoya) noNikodemu (ingqondo yomuntu).
Ingxenye yesibili (16-21): Isixazululo esidingweni somuntu nokuthi singakusebenzisa kanjani lokho ezimpilweni zethu.
Lesi yisiqephu esithokozisayo ngoba yingxoxo lapho sithola khona ukubona umbono womuntu ngamunye. Ivesi 1-2 sibona umholi wamaJuda uNikodemu owanyonyoba ebusuku eyohlangabeza uJesu ukuze angabonwa ngenxa yobudlelwane obuyinselelo phakathi kwabaholi benkolo noJesu. Ngaphandle kwalokho unesidingo esivuthayo.
Ufuna ukwazi ukuthi uJesu uvela kuNkulunkulu yini ngenxa yezibonakaliso ezisevesini lesi-2, kodwa sibona evesini lesi-3 uJesu engahlanganyeli enkulumeni encane. Umtshela ukuthi ulahlekelwe yisithombe esikhulu. UJesu umtshela lokho akudingayo ngempela evesini 3… “UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” Ngakho, sibona inkinga yabantu, isidingo sokuzalwa kabusha nobumpumputhe (ngoba asikwazi ukubona umbuso).
Umbuzo wesibili kaNikhodemu awudingi nokuthi sicabange kakhulu ukuthi sazi ukuthi ukucabanga kwakhe kulinganiselwe noma kungokwenyama uma kuqhathaniswa nendlela kaJesu yokucabanga. Evesini lesi-4 ufuna ukwazi ukuthi umuntu angazalwa kanjani kabusha. UNikodima noJesu abekho ekhasini elilodwa. Kuze kube manje engxoxweni, siyazibona ukuthi sinjengo-Nikodemu. Ngiqinisekile ukuthi mina nawe besiyobuza umbuzo ofanayo ngoba ukucabanga kwethu kungokwenyama futhi kunomkhawulo. UJesu uphendula evesini lesi-5 ukuthi kungoMoya ongeke athengwe kodwa wenza njengoba ethanda (ivesi 8). Evesini lesi-6 umehluko phakathi komoya nenyama ukuthi inyama iyafa kodwa umoya uhlala phakade. Sibona ulimi lokuzalwa okwesibili lusetshenziswa nakusahluko 1 ivesi le-13 futhi lithi lolu hlobo lokuzalwa kabusha akulona lolu esiluqondayo lokuthi owesifazane uyakhulelwa abelethe umntwana. Lokhu kuzalwa kuhlelwe nguNkulunkulu, futhi kungokomoya, uyakuqala futhi akusekele. Isidingo sethu esijulile akukona nje ukubona izibonakaliso kodwa ukuzalwa kabusha, ukubona uMbuso kaNkulunkulu, bese siguqulwa futhi senziwe basha.
Ngayo yonke imibuzo uNikodemu ayibuzayo ngisho nangemva kokuba uJesu esechazile izinto zibonakala ziya ngokudlondlobala. Kwivesi lesi-9, kubonakala sengathi uJesu akazwakali ngoba uyabuza, “Lokhu kungenzeka kanjani na?” UJesu uyahamba uyakuveza ukuthi ungubani (ivesi 11-13), akayena nje umfundisi kodwa uyindodana yomuntu evela ezulwini, (elingana noNkulunkulu, ungaphezu kukaRabi.) yingakho eziqonda lezi zinto zikamoya.
UJesu ubheka emuva kuNumeri 21:9, nguJesu onikeza lokhu kuzalwa kabusha ngoMoya ngoba njengoba uMose aphakamisa inyoka yethusi; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuphakanyiswa. KuNumeri sibona ukuthi bonke abalunywe yizinyoka ngenxa yesono nokungamlaleli uNkulunkulu bayafa, ngaphandle uma bebheke inyoka yethusi, ukuze baphile. Kunjalo ngoJesu: Bonke labo abathintwa isono abaziyo ukuthi ngaphandle kukaJesu ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu, uma bebheka kuJesu owaphakanyiswa esiphambanweni, bayophila phakade.
Emavesini 16-21 sifinyelela kwiphuzu eligxile kule ndima ngoba iyisixazululo ebumpumputheni bethu nemimoya efile. Ivesi le-16 liyisixazululo, “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka (ngisho nasebumpumputheni nasekuhlubukeni kwalo) waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa (lapha sibona ukuthi uJesu mkhulu, uyindodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa) ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade”. Isixazululo sezinkinga zethu sembuliwe, uNkulunkulu uye wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izosifela, uthando lukaNkulunkulu ngathi lubonakaliswa ngokugcwele kulesi senzo.
Siyabona lapha ukuthi nguNkulunkulu onikeza izixazululo, uyena owatshela uMose okufanele akwenze. Futhi konke u-Israyeli okwakufanele akwenze kwakungukubheka, uNkulunkulu wenza wonke umsebenzi wokuphulukisa emizimbeni yabo yenyama. Ngakho, kunjalo nakithi, uJesu wenza okufanayo emoyeni wethu. Okufanele sikwenze ngukubheka noma ukubuka (futhi sikholwe). UNkulunkulu wenza umsebenzi emimoyeni yethu efile kanye namehlo angaboni. UJesu wenza umsebenzi wokufa ukuze siphile futhi sibone.
Amavesi 19-21 UJesu uthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathande ubumnyama esikhundleni salokho. Ukukhanya uJesu akhuluma ngakho nguye ngokwakhe (isahluko 1 ivesi 4-5). Ungukukhanya okwelapha ubumpumputhe bethu futhi kusisiza ukuba sibone umbuso kaNkulunkulu. Ngakho, zimbili kuphela izimpendulo lapha, noma ngabe ukhetha ukuphila ekukhanyeni noma ebumnyameni.
Kithina maKrestu esimaziyo uJesu futhi esikholwa kuye, ngabe sisambheka ngendlela efanayo na? Ingabe sisalubona uthando lwakhe ngokufa kwakhe? Uma ungama phambi kwesihlalo somusa, ingabe uJesu uzobona loyo amfela ukuze anikeze ukuphila okusha noma uzobona umzenzisi owacasha ngaphansi kolwazi lwebhayibheli? Futhi ingabe ukuphila kwakho kwansuku zonke kubonisa isinqumo osusithathile sokukholelwa nokwethemba iNdodana kaNkulunkulu eyambuliwe?
Kwabangesiwo amaKrestu, ngifuna ukubuza ukuthi uthini umbono wakho ngoJesu, ucabanga ukuthi ungubani uJesu? Wonke umuntu unombono ngoJesu. Ayikho indawo engathathi hlangothi; kuphakathi kokuthi ucabanga ukuthi ukukholwa kuJesu kungukuphela kwendlela ongasindiswa ngayo, noma ungakunaki ubukhona bakhe futhi uqhubeke nempilo yakho futhi lowo umbono (uJesu akakufanele ukunaka kwakho). Mhlawumbe ucabanga ukuthi uJesu umhlophe ungumlungu futhi akakuqondi, amadlozi abonakala njengenketho esebenzayo kodwa njengoba ubona evesini le-16 "uNkulunkulu walithanda izwe" hhayi uhlanga oluthile, ubulili noma iqembu. Uyithemba lethu lokuphila okuphakade. Inhloso mbhalo kaJohane kwisahluko-20v 31 “ Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.” Ngokungafani nokukholelwa enganekwaneni yezinyo njengoCharlie nabazali bakhe, uJesu uyaphila futhi ungowoqobo, akaphili emicabangweni yethu kuphela. Kuye sinentokozo yangempela yokuphila okuphakade okungayikususwa. Manje njengoba usuzwile leli qiniso eliyigugu ngoJesu, uzokwenzani ngalokhu? Ulithola kuphi ithemba lakho? Futhi ingabe lowomthombo ubaluleke ngaphezu kukaJesu?