Ukububulela iNkazimulo
Ukuzindla - kwabaseRoma 8:18–27
NgoMandulo odlule, umgaqo U-N3 wase-Midlands wawuvalekile ngexa yeqhwa. wavalekile izinsuku ezimbili izimoto zingakwazi ukuhamba, inqwaba yabantu yayivaleleke emakhazeni. Omunye wababevalelekile kwakungumzala wami.
Wayesuka ePitoli eza ngapha KwaZulu Natali lapho isiphepho seqhwa siqala. Wazithola evaleleke etekisini, enganakudla engenamanzi kanti nezinyawo zakhe zase ziba ndikindiki ngenxa yamakhaza. Yena nabanye ababesetekisini bazithola bethandaza benxenxa uMdali ubusuku boke ukuthi kufike usizo.
Ngakusasa ekuseni abasebenzi bomgaqo baqala ukugugula iqhwa ukuze izimoto zikwazi ukuhamba, waze wafika kahle ekhaya ngokuphepha. Uma ngimubuza ngakho konke okwenzeka washo lokhu ephuma izinyembezi; “angikholwa ukuthi cishe ngafa, ngangizitshela ukuthi kuphelile ngami. Bengilokhu ngifisa kuqhamuke ozositakula kuloluyasizi. Ngithokoza kakhulu ngoba ngiphephile futhi ngifudumele.”
Lendaba iveza okuthile sonke esikuzwa ngezikhathi zobunzima: ukulangazelela kakhulu ukukhululeka, ukuhlengwa, kanye nekhaya. Incwadi KwabaseRoma 8:18-27 isikhombisa ukuthi impilo yobuKristu iphawulwa yilokho kulangazelela okufanayo. UPawulu ubhala ngokububula—hhayi okwethu kuphela, kodwa okwendalo kanye nokukaMoya imbala. Ndawonye, basikhomba osukwini lapho ukuhlupheka kuyothatha indawo yenkazimulo.
Lapho indalo ibubula
UPawula uqala ngamagama athi;
“Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.” (KwabaseRoma 8:18)
Lapho uPawulu ebhala lokhu, amaKristu aseRoma ayeshushiswa. Ukholo lwabo lwabenza abangaphandle ngokwesiko elifuna ukwethembeka kuMbusi. Abaningi balahlekelwa amakhaya, izindlela zokuziphilisa, ngisho nezimpilo zabo. Nokho uPawulu wabakhumbuza ukuthi ukuhlupheka kwabo kwamanje kwakungenakuqhathaniswa nenkazimulo eyayibalindile. Akazange aphike ubuhlungu; wamane wakubeka ngendlela efanele. Ubuhlungu manje bukhomba injabulo ezayo.
Ngesikhathi umzala wami egodola kuleya tekisi, wayengazi ukuthi usizo lwaluzofika yini noma nini. Kodwa thina, njengamakholwa, singaqiniseka ukuthi kuzokwenzeka. Lowo owahlupheka futhi wakhazimuliswa — uJesu Kristu — nguye owaqinisekisa ikusasa lapho imfudumalo, ukuthula, nekhaya kukhona.
Ukuhlupheka kwethu akuchithiwe. Kwincwadi yabaseRoma 5 sifunda ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela, okwakha isimilo, okwakha ithemba. Futhi lelithemba, uPawulu uthi, “alisihlazisi.”
Ngezinye izikhathi, kuzwakala sengathi ukwethemba uNkulunkulu kuyasihlazisa. Abanye babonakala beqhubekela phambili empilweni ngenkathi wena usabambekile, ukhuleka futhi ulindile. Nokho uPawulu usikhumbuza ukuthi ngisho nendalo ngokwayo iyabubula, ilangazelela ukubuyiselwa. Ukuqhekeka komhlaba akulona uphawu lokungabikho kukaNkulunkulu kodwa umsebenzi Wakhe ongakaqwa.
“ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.” KwabaseRoma 8:21
Ngolunye usuku, uNkulunkulu uyokwenza konke kube kusha. Zonke izinyembezi zizosulwa. Konke ukuphuka kwendalo kuyophulukiswa.
Ithemba elilindisayo?
UPawulu uyaqhubeka;
“Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;” ivesi 22.
“Akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.” Ivesi 23.
Kakade singabakaNkulunkulu, kodwa asikakafiki ekhaya. Njengengane elindele ukuthola abazali iye ekhaya layo elisha, silindela isikhathi sokugcwaliswa kwakho konke, nesokuba noBaba wethu. Yingakho ithemba lobuKristu linamandla: libheka ngale kwalokho okubonwayo. “Obani abathemba lokho asebenakho?” Kubuza uPawuli. (ivesi 24).
Uma sesinakho konke uNkulunkulu akuthembisile, besingeke sibe khona isizathu sokuthemba. Kodwa silinda ngokubekezela ngoba siyazi ukuthi yini ezayo - ukuhlengwa kwemizimba yethu, ukubuyiselwa kwezinto zonke, kanye nokuba noNkulunkulu kuze kube phakade. Ukulinda kunzima, kodwa akusho ukuthi akunasizathu. Ithemba lisifundisa ukugcina amehlo ethu esethembisweni, hhayi ebuhlungwini.
Lapho kuphela khona amazwi
Uyaphinda abhale uPawulu;
“Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; “ivesi 26.
Ngezinye izikhathi, ubuhlungu nenhlupheko kusishiya siphelelwe amazwi. Singazi ukuthi sithandaze kanjani noma sithini. Kodwa uMoya uyazi. Uthwala ukukhala kwethu okungenazwi akuyise kuBaba futhi usikhulumela ngokuphelele. Lokho kusho ukuthi nasezikhathini zethu ezithule kakhulu, uyaisizwa. Noma singazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, uMoya uthandaza uhambisana ngokuqondana nayo ngokuphelele. Ubuthakathaka bethu abususi uNkulunkulu; kumsondeza eduze. UMoya uhlangana nathi ekububuleni futhi usikhumbuza ukuthi indaba ayikapheli.
INkazimulo iyeza
Yonke indalo ibubulela usuku lapho uJesu ebuya khona—lapho ukonakala kuphela futhi kuqala inkazimulo. Kuze kube yileso sikhathi, siyalinda. Siyabubula, Siyethemba. Kulabo abangakakholwa, lokhu kulangazelela okuzwayo - lowo mqondo wokuthi kukhona okungahambi kahle ngomhlaba - kukukhomba eqinisweni. Ngisho nezikhathi ezinhle kakhulu lapha ziyadlula. Kodwa likhona ikhaya elikhulu elilinde labo abangabakaKristu. Kulabo abakholwayo: bambelela, Impumuzo iyeza. Luyofika usuku lapho ubuhlungu bakho buyokwenza umqondo ekukhanyeni kwenkazimulo yakhe.
Ngosuku oluzayo, njengoba umzala wami efika ekhaya efudumala, siyobheka emuva emakhazeni bese sithi, “Bekukubi, kodwa ekugcineni ngisekhaya.” Kuze kube yilolo suku, phumula kulesi sithembiso: “nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” Ivesi 39. Futhi khumbula amazwi ehubo elidala:
Ngempilo yami wopha wafa,
UKristu uzongibamba angiqinise.
Ubulungiswa benelisekile,
Uzongibamba angiqinise.
Uvuswe kanye naye ekuphileni okungapheli,
Uzongibamba angiqinise.
Kuze ukholo lwethu luphenduke lube emehlweni,
Lapho efika ekugcineni.
Uzongibamba angiqinise.