Ulizwi eba ngumuntu

Iyiphi ingxenye emlandweni ongathi ibaluleke kakhulu?

Mhla zingu-11kuNhlolanja 1990, lolu usuku olubaluleke kakhulu emlandweni wase Ningizumu Afrika, ngokuba usuku okwaphuma ngalo Nelson Mandela ejele.  U-27 kuMbasa kowezi-1994 olunye usuku olubalulekile emlandsweni wase Ningizimu Afrika, Kulapho abantu abamnyama bathola ilungelo lokuvota. UNelson Mandela waqokwa njengomangameli wokuqala wentando yeningi.

Olunye usuku esingasoze salukhohlwa, zazingama -27 kuNdasa kowezi -2020. Kungabe yini eyenza lolosuku lugqame? Lolu ngusuku lapho umomngameli u-Cyril Ramaphosa amemezela ukuvalwa kwezwe ngenxa y0khuvethe. Ngalesiya sikhathi sasingaqondisisi umthelela wesimemezelo nokuthi sisho ukuthini kuthina, ukuthi sinamthelela muni. Kepha uma sibheka emuva, singasho ngesibindi ukuthi impilo yethu ayiphindanga yafana.

Kukhona isigameko esenzeka, esingathinti abantu baseNingizimu Afrika kuphela, esingabhekanga ukuthi ungowakuphi, sithinta wonke umuntu emlandweni wonke; uLizwi ebangumuntu. Ngenkathi uLizwi owayengu Nkulunkulu ethabatha isimo somuntu, ephila phakathi kwabantu, eba ngumuntu onguNkulunkulu. Ake sikubukisise lokhu futhi sikuqaqe ngokomlando.

Ivesi 1-5 uLizwi wayekhona ekuqaleni futhi unguNkulunkulu.

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

Sivezelwa ulizwi owayekhon ngaphambi kwesikhathi. ULizwi ongu Jesu wayekhona ekuqaleni wayenoNkulunkulu singakaqali isikhathi. UJesu ungunaphakade noNkulunkulu banobudlelwane obungunaphakade. UKristu munye noNkulunkulu. 

 Ulimi olusetshenziswe lapha lusibuyisela ekuqaleni kwendalo encwadini kaGenesisi 1 ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba. Ivesi 3 likwenza kucace ukuthi uKristu ungumdali, konke kwavela ngaye. UNkulunkulu wakhuluma uKristu wenza njengokuba sibona kuvesi 3 ukuthi konke kwavela ngaye.

Kwivesi-4 siyabona ukuthi ungukukhanya kwezwe, njengoletha ukukhanya kubantu abamelene bephikisana noNkulunkulu, uza nokukhanya okwahlula ubumnyama, yize noma ubumnyama bulwisana nokukhanya.

UJesu ungukukhanya kweqiniso, uze ezweni ukuzoqeda ngobumnyama obumelene nokukhanya. Uma ukukhanya buza ebumnyameni, bubuveza njengoba bunjalo ubumnyama, buveza ububi nokungcola kwako.

Ngiyakhumbula ngesikhathi ngisawumfundi kwakhukhona indawo yokuzijabulisa okwakucishwa isibani kuyo ukuze abantu bezozijabulisa. Kwakuthi mase buphela ubumnandi kukhanyiswe. Yilapho wawubona khona abantu beba namahloni sebebuka ukuthi ingcole kanjani indawo abakuyo. UJesu ungukukhanya okuzokhanyisa ebumnyameni besono. Uze njengokukhanya kweqiniso ezonweni zethu. Uma isono sesibonakala kkhona izinto ezimbili ezingenzeka, ukuphenduka noma ukuqhubeka esonweni. Kungabe wena ukuphi na?

Ivesi 10, Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.’
Lezi izindaba ezinkulu!!! Zokuthi lowo owayenoNkulunkulu ekuqaleni wehlile weza emhlabeni kuyo indalo. Loyo owenza umhlaba, ongaphandle kweskhathi weza emhlabeni. Igama “umhlaba” ngokubhala kuka Johane livela njngegama elisho abantu abamelene noNkulunkulu (ezweni). Ukristu uze kubantu bakhe kepha abamamukelanga.

Abantu bakhe abangamamukelanga lapha ngu-Israyeli, yize noma babelindele uMesiya isikhathi eside; ekufikeni kwakhe abamamukelanga. Ibhadi lamabhadi! Cabanga umuntu owenze ikhompyutha isimujikela ifuna ukwenza okuthandwa yiyo. Ize imunqabele yena ukuba ayisebenzise, kulokhu kuvela uphawu lokuthi kukhona okungahambi kahle. Lokhu kubi kakhulu ukuthi okudaliweyo kwale okudalileyo.

Kepha lokhu kungenzeka kumakhompyutha ngoba emhlabeni yonke into yengamelwe yisono. Ngenkathi umdali eza ezweni alidalileyo lamenqaba. Siyabona kwivesi 10 ukuthi abakhe abamamukelanga, sibuye sitshelwe kwivesi 12 ukuthi abanye bakholwa nguye babe sebethola ukubizwa ngabantwana bakaNkulunkulu bamukelwa emndenini wezulu njengabantwana.

Wabanika amandla okuba babizwe ngabantwana bakaNkulunkulu (12). Ezweni lapho kwakukhona ukungalingani, lapho kwakukhona abantu abayizigqila, bengenawo amalungelo, ivangeli lifika nezethembiso ezilinganayo kuwo wonke umuntu, kungakhathalekile ukuthi bangabathathelwa phansi noma phezulu, kungabhekwa imindeni yabo nalapho abavela khona. Ngokuphazima kweso, ngoJesu abangeyilutho baba wutho.

Ngisho nanamuhla, sinenkululeko namalungelo, abantu abaningi abaziqondi bona uqobo, ngakho-ke evangelini likaJesu sithola ukuthi amaKristu angabantu ababalulekile emndenini  kaNkulunkulu, kungakhathalekile ukuthi abantu bababuka kanjani, ngisho ukuthi bona bazibuka kanjani ngoba manje bazibuka kuKristu. Samukelwe emndenini omusha kaNkulunkulu.

Ulizwi eba ngumuntu (Ivesi 14-18)

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.”

Ulizwi waba ngumuntu ebantwini, wahamba phakathi kwethu. Lokhu kuyinto ebaluleke kakhulu emlandweni futhi okungamele ukuthi ikhohlakale nje kalula. Inomthelela ongenamkhawulo ebandleni iminyaka ngeminyaka. Ingukhiye wokuqonda uJesu Kristu, ibeke izisekelo zebhayibheli.

UJesu futhi uvela njengolizwi owavela phezulu, emunye nobaba, manje esemunye nabantu. Ukubhala kukaJohane kuveza okwenzeka encwadini ka-Eksodusi kusukwa eGibhithe kanye nokwambulwa kukaNkulunkulu entabeni yasesiNayi kwithabanakele ehlene. Lokho kwaveza ukukholwa (noma ukungakholwa) kuka-Israyeli ehlane kuze kube namuhla.

Njengokuba uNkulunkulu ahlala phakathi kwabantwana bakhe ngesikhathi esedlule, kanjalo uLizwi uhlala kithi manje(14), wenze itende phakathi kwethu, okuyithabanakele ngolwimi lwethestamente elidala, noma itende lokuhlangana, lapho kukhona khona uNkulunkulu. Manje kuKristu sinoNkulunkulu enyameni, okukhulu okudlula itende lenkazimulo.

UJesu Kristu nguNkulunkulu owehlile waba senyameni. Wayekhona umhlaba ungakasekelwa, ngaye kwavela konke okudaliwe. Impilo nokukhanya kutholakala kuye.


Previous
Previous

Gluttony

Next
Next

Blessed: A Life Rooted in God