Umthetho, inkosi, kanye nokukhanya okuza ngalokhu.

Ngomzuzu wokwambulelwa okumangalisayo uPetru wawela ezinyaweni zikaJesu wakhala, wathi, “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” (NgokukaLuka 5:8). Ngaphambi kwakhe, umphrofethi u-Isaya wayesho isivumo esifanayo: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.” (U-Isaya 6:5). Lamadoda womabili, oyedwa engumphrofethi weqophelo, omunye engumdobi ozisebenzayo, into efanayo ngabo yilokhu okwabehlela: Ukwembulwa kobukhona benkosi. Okumangazayo  akusikho nje ukubuka kwabo noma indlela abazibuka ngayo, kepha isisindo sobungcwele. Njengokuba noJohane ekwenza kucace encwadini yakhe (12:41), womabili lamadoda ema phambi komuntu munye (uKristu Jesu). Bobabili kabaphendulanga ngezaba kepha ngokuzidela. Njengokuba umshumayeli wanyakenye kwinkomfa yethu yaphakathi nonyaka (MYC) uMusa Ntiga wabalula ukuthi, “Ukuhlangana noNkulunkulu kwambula ukuba yizoni kwethu”. Kanjalo nomthetho wenza okufanayo.

Umthetho njengesibuko

Umthetho kaNkulunkulu wenza okungaphezu kokwambula okwaphezulu okulindelekile – wembula umthetho wobunjalo balowo onikeze umthetho. Uyisibuko, asiboni isithombe sikaNkulunkulu, njengokuba sibona umuntu. Kepha sibona isidingo sethu esingafezwa nguye. Njengoba ubungcwele bemibhalo buveza ubuNkulunkulu boyinikezile, kanjalo nobungcwele bomthetho buveza ubungcwele nokwehluka kwaloyo owunikezayo.” Ukulunga kukaNkulunkulu nobungcwele bakhe  bubonakala kuyo yonke imithetho. Kungalesi sizathu ukuthi indlela esiphendula ngayo emthethweni  kungukungawenzi noma ukungawuthandisisi. Kepha siqale sawubona konembeza bethu, ekulungiseni nasemiyalweni esinayo, ngendlela yethu esihlehlisela esiveza singebahle noma singalungile. Kona lokwala kuveza iqiniso elibuhlungu: Asifuni ukuba njengoNkulunkulu, lokho ngobungcwele. Kunalokho sincamela ubuNkulunkulu bangendlela yethu. Ukulinga kwenyoka okudala “uyakuba njengoNkulunkulu” asikufuni uma kuza ngasekulungeni kepha uma kuza nokuziphatha nokuzimela. Sifisa igunya laphezulu kepha kungesikho ukuziphatha kwaphazulu. Simisa amaflegi ethu emhlabathini wesikhashana, sizibeke esihlalweni sobukhosi sobunkulunkulwana, sifune ukuba negunya kokungekho ngaphansi kwethu. Kepha uma umthetho umi ubhekene nathi sibona iqiniso. Asifani noNkulunkulu kepha eesifana naye uSathane. Ngebhadi izinhliziyo zethu zisivezela usathan, azivezi umdali

Umthetho njengokukhanya

Into eyodwa eyenziwa ukukhanya futhi okuyenza kahle ukuveza ubumnyama. Incwadi KwabaseRoma 7:12 iveza ukuthi “umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile muhle.” Kungani? Ngokuba kuveza ukulunga nokuqonda kwalowo owunikezayo. Ukuba ukulunga okungenasihla bekungenzeka, lokho bekungasenza abalungileyo. Kepha uJesu uyasikhumbuza ukuthi “kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu” (NgokukaMarku 10:18). Ubungcwele, kungesikho nje ukulunga bokuba muhle kuchaza ubunjalo bukaNkulunkulu. Imiyalelo elishumi ayivelanga nje ngokungenhloso okungacatshangwanga kepha yingukwambulwa kwemvelo kaNkulunkulu. Umyalelo wokuqala; “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami” akusiwo nje umkhawulo, kodwa uveza lokhu okufanele inkosi engena ntanga. Cabanga ukuba uNkulunkulu wayebeke umthetho ophikisa lona. “Ube nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami”. Lokho angeke kube yisimanga nokumema izithixo kepha kungaba ukuhlambalaza. Ithole lenkomo encwadini ka-Eksodusi belingaba ngukulalela uNkulunkulu kungabi ngukuhlobongela. Kepha uNkulunkulu angeke aziphikise yena. Ukugqugquzela ukukhonzwa kwezithombe kungasho ukuthi lowo odalile angama esikalini esisodwa nakudalileyo. Kungasho ukuthi amanga aliqiniso, ukuthi okungamanga kungasindisa, kungcwelise noma kwanelise. Omubi kuphela ongasho lezo zinto.

Umthetho njengesambulo sobunjalo bukaNkulunkulu.

Ingxenye yesibili yemiyalelo elishumi iqhubeka nokuveza imvelo kaNkulunkulu. Imiyalelo emelene nokubulala,ubufebe, ubusela,ukukhohlisa kanye nokuhala noma ukufisa okukamakhelwane akusiyo nje imigomo yesimilo nokuziphatha – kepha lemiyalelo iveza ubunjalo bukaNkulunkulu. Akazenzi lezi zono, kungesikho ukuthi unomngcele kepha ngoba azaziwa kwimvelo yakhe azinandawo. UNkulunkulu uluthando (1 ngokukaJohane 4:8), kahle-hle uNkulunkulu uluthando olungcwele. Ngaphandle kobungcwele uthando luba yimizwa eguquguquka kanye nezikhathi, olunemibandela, oluzenzela okwalo. Ubungcwele bugxilisa uthando eqinisweni nesidima. Alifuni ukungabahloniphi abanye ngokuba alukwazi ukungamuhloniphi uNkulunkulu. Cabanga ukuba uNkulunkulu wayeyiphendukezele lemiyalo: “ubobulala, ubokweba, ubozibandakanya kubufebe, uqambe amanga ufise okwamakhelwane.”UNkulunkulu onjalo akafanelwe ukudunyiswa. Angaba uzwilakhe, umbhidlizi, onesimo sikasathane ombethe ubunkulunkulu. Umhlaba ngeke usaba yizulu eliguquliwe langcoliswa, kepha ungaba yisihogo uqobo.

Sibonga ukuthi uNkulunkulu weqiniso akasoze wabeka imiyalelo ehlukene naye. “Angawuchitha yini umyalelo wakhe wothando ngale kokuba kuvele ukuthi akazimisele ngobuyena noma uqobo lwakhe?” Omdala wenkolo u Stephen Charnock wake wabuza. Cha, UNkulunkulu kumele abeke umthetho wothando ngokuba yena ulifanele kakhulu.

Umthetho, amanga Kanye nokukhanya.

Ngakho sibuyela kumbuzo: Kungabe sicabanga ukuthi ungubani uNkulunkulu uma siziba ubungcwele bakhe?

Uma sisusa ubungcwele bokulunga bobunjalo bukaNkulunkulu, sizakhela uNkulunkulu ofunwa yithi – lokho esingakwakha futhi sikuhole. UNkulunkulu ogcizelela encethezela imizwa yethu kunokuba abhekane nayo ngqo. Kepha loyo akusiye uNkulunkulu wezibhalo. UNkulunkulu weqiniso – uNkulunkulu ongcwele – osidalulayo njengokuba uJohane esifundisa encwadini 1 KaJohane  2:16. Izwe lengamelwe yimpakamo, yizinkanuko kanye nokuzifunela okwalo – konke lokho umthetho umelene nakho. Ngakho uma umthetho ukhuluma, imvelo yethu yesono ayivumi, yikho kona lokho kungavumi kwethu okusikhombisa ukuthi sidinga kangakanani. Abaphrofethi, abadobi, abafundisi nabangakholwa kumele baphendule ekukhanyeni komthetho. Uma sisondela enkosini kuyilapho sizibona khona ukuthi sikude nayo. Umthetho awuve usibeka icala kuphela; kepha usikhombisa lowo esimonile – yena loyo nguye onokusihlanza.

Njengokuba uPetru awela emadolweni kaJesu nomphrofethi u-Isaya akhala ngokwesaba, kanjalo nathi simelwe ukuwa phambi kukaNkulunkulu ongcwele. Umthetho uveza obala ubumnyama bethu ngoba uletha ukukhanya kwempela. Uveza ububi bethu ngenxa yokuthi owunikezile akanasici, uhlanzekile.

Kepha kukho lokho kuvela kwethu obala kuqala umusa.

Next
Next

Ukuqeda Ngentshisekelo