Ukuqeda Ngentshisekelo

Ngisanda kufunda iHubo 73 futhi, langikhumbuza ukuthi kungani lingelinye lamahubo engiwakhonzile. Eminyakeni edlule, sengilifunde kaningi leli hubo, kodwa ngagxila emyalezweni nasemizweni yombhali waleli hubo. Kodwa akuzange kufike kimina ukufunda kabanzi ngokuthi u-Asafa wayengubani ngempela. Ukufunda ngaye muva nje kungilethele ukuqonda okusha nokuqonda okujulile ngaleli hubo. 

Uma ngifunda ithestamente elisha, ngivame ukufisa ukwazi kabanzi ngokuthi ubani umbhali. Isibonelo, ukwazi ukuthi uMathewu wayengumthelisi ngaphambi kokuba alandele uJesu nokuqonda ukuthi wayephila mpiloni umuntu ongumthelisi kungisiza ukuba ngiwuqonde kangcono umbono wakhe nomlayezo wakhe. Ingqikithi yokubhala kwakhe yengeza ukujula ezintweni azibhalayo. Ngokufanayo, ukufunda okwengeziwe ngo-Asafa kwenze iHubo 73 laba nencazelo eyengeziwe kimi.

Ngesikhathi se-Gospel Workshop e-The Bible Talks (isimiso sokuqeqeshwa ngendlela yokufunda nokuhumusha ibhayibheli ngokwethembeka), Enye yezinto ezibalulekile engazifunda kwakungukubaluleka kokuqonda umongo—isizinda sombhali nesimo ayabekuso. Lawa makhono noma lokho engakufunda ngangikusebenzisa kakhulu ezincwadini zethestamente elisha, kodwa ngangingajwayele ukuwasebenzisa uma ngifunda amaHubo kanye/noma leli hubo.

U-Asafa wayengeyena nje umhlabebeli kephela kodwa wayephinde abe ngumLevi—ilungu lesizwe elalihlukaniselwe imisebenzi yobupristi ethempelini (bona 1 IziKronike 6:39, 15:17–19). AmaLevi ayebizelwe ukukhonza phakathi kukaNkulunkulu nabantu, anikele imihlatshelo, ahole ekukhulekeni, futhi agcine ubungcwele bethempeli. Inkonzo yamaLevi yayisikhomba noma ingumhlahlandlela womphristi omkhulu —uJesu Kristu—osenguye yedwa umlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu.

Okungihlaba umxhwele kakhulu ngo-Asafa ukuthi nakuba ayengumholi oqinile futhi eyindoda ejulile ngokomoya, wathwala kanzima. Kwihubo 73 uyabhala, ”Kepha mina izinyawo zami zicishe zakhubeka, kwasala kancane ukuba izinyathelo zami zishibilike. Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.” U-Asafa waqalaza futhi wabona ukuthi abantu abangamhloniphi uNkulunkulu babonakala bephila impilo elula enokunethezeka. Babengazabalazi njengabanye. Wazizwa edangele, futhi nombono wakhe wafiphala.

Ukwethembeka kwakhe kunamandla. Nakuba engumuntu kaNkulunkulu, uvuma obala ukuthi ukucabanga kwakhe konakalisiwe. Walingeka ukuba akholelwe ukuthi ukulandela uNkulunkulu akusizi ngalutho. Kodwa engikuthandayo ngukuthi indaba yakhe ayigcinanga lapho. Evesini 17, yonke into yashintsha: “ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo”. Lapho u-Asafa engena endlini engcwele kaNkulunkulu, wabona izinto ngokucacile. Waqonda ukuthi ukuchuma kwababi kungokwesikhashana nokuthi ukuphila okuphakade noNkulunkulu kubaluleke kakhulu.

Lokhu kungikhumbuza amanye amadoda nabesifazane bokholo baseBhayibhelini nabo abakhubeka ngezinye izikhathi kodwa bathola ukubuyiselwa. Ngokudabukisayo, abanye, ngisho nabantu namuhla baqala ngamandla enkonzweni kodwa bangaqedi kahle. Sibonile abefundisi nabaholi bewela esonweni, ngisho nasebekhulile. Izinkundla zokuxhumana zinakho ukudalula lezi zindaba, futhi kubanga yinhliziyo ebuhlungu. Kusikhumbuza ukuthi akekho ongaphezu kokuwa. Isono sihlala siseduze, singqongqoza emnyango, sifuna indlela yokungena. Akufanele neze sicabange ukuthi sesivuthiwe noma sinamandla kakhulu ukuba singalingwa.

Abanye balaba baholi abaqedanga benamandla—hhayi ngoba belahlekelwe insindiso yabo, kodwa ngenxa yokuthi kudingeka behle esikhundleni sobufundisi noma ubuholi ngenxa yesono. Lokhu kuyinto ebucayi. Futhi ngokuvamile, kwenzeka ngemva kokuba abanye bebhekane nabo ngothando, babaphoqa ukuba babhekane nezenzo zabo futhi benze izinqumo ezinzima.

Ngicabanga ukuthi u-Asafa wabhekana nokufana nalokho uPawulu akufundisayo kweyoku-1 KwabaseKorinte 11:31, 'Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe. '1 KwabaseKhorinte 11:31. Ngenkathi uPawulu ebhala ngesidlo senkosi. Lapho sizihlola ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu, singaphenduka futhi sibuyiselwe ngaphambi kokuba izinto zibe zimbi kakhulu. U-Asafa wakwenza lokho. Wasibona isono sakhe ngokucacile wathi: “Ngangingenangqondo, ngingenalwazi; ngangiyisilo esingenangqondo phambi kwakho.” Kodwa lapho ebuyela kuNkulunkulu, waphetha ihubo ngethemba, ngokuqiniseka, nokudumisa.

Lokhu kusifundisa ukuthi sisempini kamoya. Asikwazi ukuvilapha noma ukunganaki. Isitha sihlale sifuna izindlela zokusenza sibe buthaka. Asikho isiqinisekiso sokuthi sizoqeda sinamandla, ngaphandle komusa kaNkulunkulu. USathane ufuna siqede umjaho wethu sihlazekile, sintshontshe injabulo yethu futhi asenze sizizwe sinqotshiwe. Kodwa siyambonga uNkulunkulu ngoJesu osiqinisayo futhi asisiza ukuthi siqhubeke. 

Ngakho masiqhubeke sibheke kuKristu. Masiwugijime lo mjaho ngokukhuthazela, sikhumbula njalo ukuthi siyawudinga umusa wakhe nsuku zonke. Masithobeke futhi siqaphe ukuze nathi, njengo-Asafa, siqede sinamandla.


Previous
Previous

Umthetho, inkosi, kanye nokukhanya okuza ngalokhu.

Next
Next

Ukuchazwa kwenkolo exubayo: Bamesaba uJehova, kepha…