Ukuchazwa kwenkolo exubayo: Bamesaba uJehova, kepha…
Ingxubevange (ngokwenkolo): Igama elikhulu elichaza ukuhlanganisa izinkolo, zihlanganiswe ngenhloso yokwenza into entsha.
Kuzwakala kuyinto yesimanje: Khetha okukhethayo, kholelwa yilokho ofuna ukukholelwa yikho, ubani ozokukhulumisa? Kepha lento yindala. Ake sibuke incwadi yesibili yamakhosi 17.
Inkinga
U-Israyeli wase uhlukene Phakathi, uJuda engezansi no Israyeli (owaligcina igama) ngaphezulu. Uma ulandela umlando wamakhosi ezizwe zombili, kwincwadi yesibili yamakhosi 17, isizwe esingenhla sase siphefumula okokugcina.
Emva kwezizukulwane ezazingamlandeli uNkulunkulu noma kwakuvela izexwayiso, uNkulunkulu wabasusa ebusweni bakhe (Vs 18, 23). I-Asiriya laba yisandla sikaNkulunkulu ekwenzeni lokho, ngokususa u-Israyeli owawusele ebese liyangena lona i-Asiriya ligcwalise umhlaba futhi ngabantu ababebathathe emazweni (vs. 24).
Lapha indaba ithi ukuxaka. Laba abahlala ezweni babengamesabi uNkulunkulu (Vs 25), inkosi yathumela izingonyama kubo – ukubhonga kokwahlulela. Njengokuba uHoseya ebeka: uma ibhonga ingonyama, ngubani ongema?
Isixazululo
Abantu bakhala kwinkosi yase-Asiriya, babethi; asiyazi imithetho kaNkulunkulu walelizwe, ngakho uthumele izingonyama ukuba asiqede, Siza!
Ulimi olungajwayelekile uyabona? UNkulunkulu walelizwe, kungathi ohlala khona lapha, osendaweni eyodwa, onomukhawulo, hhayi inkosi umninimandla onke. Bakhala enkosini engesiyo nkosi.
Ngakho-ke, omunye wabaphristi bakwa-Israyeli waphindiswa emuva, Wabuya wahlala eBeteli wase ebafundisa ukuthi bangayihlonipha kanjani inkosi uNkulunkulu, ebefundisa ukwesaba uNkulunkulu (Vs 28).
Kepha, omkhulu ukepha, abantu bezizwe baqhubeka bazenzela onkulunkulu babo edolobheni, bababeka endaweni lapho u-Israyeli wabeka khona izithixo zakhe (Vs 29). Siyatshelwa ukuthi kwakungusuku lokwakha onkulunkulu.
AbaseBabele benza uSukoti Benoti.
Abantu baseKhuti benza uNerigali.
Abantu baseHamati benza u-Ashima.
Kanye nabanye, kuze kuyophela ku Sefaravayimi beshisa izingane zabo emlilweni (Vs 31)
Kungabe umphristi akawenzanga kahle umsebenzi wakhe? Mhlampe. Kepha uma umphristi engomunye wabaphristi ababengalungile bezwe elingenhla (abase vele beholele ukuba u-Israyeli ahlulelwe), kungenzeka ukuthi wabafundisa inkolo ngendlela ekungesiyo elungile. Kepha-ke asazi.
Imiphumela
Noma ngabe wayefundiseni umphristi, imiphumela ixovekile futhi kuvela kathathu: Bamesaba uNkulunkulu…’”(Vs 32, 33, 41). Kukhona ithemba ngasekuqaleni; kepha ngasekugcineni akukho kuhle.
Bamesaba uNkulunkulu kepha…bazenzela Phakathi kwabo abaphristi bezindawo eziphakeme (vs 32)
Bamesaba uNkulunkulu kepha… bakhonza oNkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo (Vs 33).
Bamesaba uNkulunkulu kepha… bakhonza nezithombe ezibaziweyo. (Vs 41).
Lokho ukuhlanganganisa
Ungabazane, kungesilo olukhulisayo kepha olokukhonza izithombe. Ukuzikhethela ngokuthanda kwakho kwezenkolo: yengeza okuthile kulokhu okukhona vele ebese uzitholela okunye futhi.
Ukuxuba okubi kwalezinsuku
Maqondana nesambulo sikaNkulunkulu, lokho kuxuba akusiyo into ebeyenzeka kudala, namanje isakhona.
Siyibona lapho kuhlangana khona inkolo yama-Afrika ihlanganiswa nezinye izinkolo, ngisho nevangeli lemali elishunyayelwa emazweni aphesheya, nokuba ngabantu “bamoya’’, noma inkolo yobukristu efunwa ngabantu. Izithakho zayo lenkolo ezinye zithathwe emkhubeni emidala eyayiyinkolo kubantu abathile, ezweni elithile, nonkulunkulu abathile, okunye akukudala kakhulu. Okunye kugcina sekungenye inkolo eseceleni ehlukile, okunye nje kufaka okwengeziwe kwinkolo yobuKhristu, noma idunge ivangeli likaJesu.
Inkolo enoJesu iphinde isuse okunye ngaye
Buka ukuthi uyazazi yini lezithako zenkolo entsha.
Thatha umthetho wethestamente elidala, weqe ithestamente elisha, faka uJesu njengomsindisi wabamhlophe, faka umsindisi wabantu abanyama ebese ufaka namadlozi.
Ezincwadini ezingama-66 ebhayibhelini thatha (imigomo, nayo engenziwa) ibe mbalwa, yehlisa uJesu umenze abe umphrofethi, khona lapho faka nabaphrofethi bezikhathi zokugcina bethestamente lokugcina.
Izithako zenkolo; izithako zengozi.
UJesu iphinde yengeze – inkolo yobuKhristu eyekethisayo.
Kungenzeka kube ukukhonza amadlozi okwenziwa kwinkolo yama-Afrika, okufana nokukhonzwa kukaMariya kwezinye izizwe eYurophu. Noma ukwenza imicimbi ethile nezimpawu (cabanga ngokweluka, umbhabhadiso kanye nokugcina isabatha) okuba yikho okubekwa la kungabe kubekwe khona uJesu engumthombo (ukufa nokuvuka kwakhe). ‘Bamesaba uNkulunkulu kepha…’ bengeza imisebenzi.
Kuphinde kuze ngezindlela ezinganakekile zobuqili ngezindlela ezahlukene. Bamesaba uNkulunkule kepha…’ babambaxambili; unyawo olulodwa kuJesu, olunye kwizimfuno kanye neminako yezwe.
Hlanganisa konke lokho ebese ufaka amanzi antukuntuku angukulandela uJesu, ungenabufakazi. Lokhu kungase kube yinto esibhajwe kuyo.
Besaba uNkulunkulu kepha…’ Kungaba yini leyo kuwe?
Uma kunguJesu nokunye noma uJesu nokususiwe, imiphumela iyafana; Ukusuka kwisambulo sikaNkulunkulu ubaba ethumela indodana yakhe ngamandla kaMoya Ongcwele.
Ukuphenduka nokukholwa
Impela, UNkulunkulu akasifuni sinjalo. Kunokuba besabe uNkulunkulu kepha…’umoya wakhe ulangazelela ukuthi ‘Bamesaba uNkulunkulu baze…’
Incwadi 2 Amakhosi 17:34-39 iveza izibonelo ezimbalwa.
Yenza lokho okungumyalo wakhe.
Yima kwisethembiso asibeka.
Themba amandla akhe okusindisa nokwaphula.
Khothama kuye unikele/uzinikele kuye yedwa.
Ukuba mbaxa mbili kuba ngumqondo owedwa, ukungena ngengxenye nenhliziyo kuba ngenhliziyo yonke. Kungesikho ukuthi ‘Bamesaba uNkulunkulu kepha…’ kube ngukuthi bamesaba uNkulunkulu baze bamuphilela’.
Impela akukho esingakwenza ngale kokukhuleka; Baba yiba nomusa kithi! Sisize siqhube ngokukholwa nokuphenduka, ngokulalela ngokuthokoza njengalabo abakwaziyo nabakusabayo, siphile ngokufanele.
Engathi angasisiza sibe neculo(Elihunyushiwe):
Lempilo engiyiphilayo akusiyo eyami
Ngokuba umhlengi wami wangihlawulela
Wathathela kuye yedwa
Kube yingcebo nenani lakhe
Izinto zomhlaba engazishiya ngemuva
Ukuze ngihlale ngidumise inkosi yami
Inelungelo lokulawula impilo yami
Kungukuthokoza kimi ukuyiphilela,